BAHLALISWE KANZIMA YITHANTALA LAMANZI
UBHEKENE nenkinga umndeni wakwaMkhize, e-Underberg, obhukuda edamini lamanzi elisegcekeni lawo, osekuphele inyanga kuqhume ipayipi lamanzi likamasipala.
Indlela isimo esibi ngayo, uthi sekudingeka ukuba ugqoke amadadla ngenxa yala manzi agcwele igceke. UMnu Sifiso Mkhize ongumnikazi womuzi, uthi sekukaningi ehla enyuka kwamasipala eyobika isimo kodwa lutho usizo.
Uthi uqale ukubona ukuthi kunenkinga yamanzi ekuqaleni kukaZibandlela (December). "Ngifike kwaMasipala iDr Nkosazana DlaminiZuma bangitshela ukuthi udaba oluphathelene namanzi lusetshenzwa wuMasipala wesiFunda, iHarry Gwala. Bathembise ukuthi bazowudlulisa umbiko ukuze kulungiswe ipayipi.
"Kudlule izinsuku kuthulekile, amanzi eqhubeka nokungena egcekeni lakwami. Ngiphindelile ngiyobheka ukuthi yini ebambile. Ngitshelwe ukuthi kusalindwe ugandaganda okumele ufike uzomba. Size sahlukanisa unyaka edamini lamanzi. La manzi isigcino azomosha umuzi wami,” kusho uMnu Mkhize.
UMnu Ndabezitha Ntenza okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uthi kakulona iqiniso ukuthi kade yabikwa le nkinga. Uthi babikelwe ngayo mhla zili-15 kwephezulu kanti ngoLwesibili bebeyilungisa.
"Sixolisa kakhulu emndenini wakwaMkhize ngokuphazamiseka, siphinde sibonge ukuthi ukwazile ukusazisa siwumkhandlu. Siyanxusa nakwabanye abanenkinga efanayo ukuba bashayele inombolo yakwaCustomer care ethi: 086 010 3651," kusho uMnu Tenza.
ILANGA libuyelile kuMnu Mkhize wathi ngamanga aluhlaza ukuthi isikhalo sakhe usibike mhla zili-15 kwephezulu, unobufakazi bokuthi isikhalo usifake mhla zili-11 kuZibandlela.