Isisematekisini eyokuvinjwa kwabezinhlanga
Umnqamulajuqu wanamuhla Banikwe
BASENYAKANYAKENI osomabhizinisi bamabhasi abangamaNdiya njengoba inhlangano yamatekisi, iKwaZulu-Natal Taxi Alliance (KZNTA), isikhiphe umyalelo wokuthi kusukela namuhla kayisawafuni amabhasi abo emalokishini abamnyama.
UMnu Jabulani Mazibuko, ongusihlalo wale nhlangano, uthi kusukela namuhla kabalindele ukuba amabhasi abomdabu baseNdiya angene ezindaweni zabamnyama.
Ngokuthola kweLANGA, kunesitatimende ebesisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho bekuvela ukuthi iKZNTA ihlangene nabe-Unemployed Peoples' Trust, uQina Mshayeli, iNational Funeral Practitioners Association of South Africa (Nafupa SA) nezinye izinhlangano.
UMnu Mazibuko uthi sesiside isikhathi bethule embonini yamatekisi bedlala abomdabu baseNdiya ababanqabelayo ukuba bangene ezindaweni abahlala kuzona ekubeni bona besebenza kwezabamnyama.
“Uma ungabheka kahle, esibhedlela esiseChatsworth (RK Khan), kayikho itekisi yomuntu omnyama esebenzela kuleya ndawo, ngabomdabu baseNdiya kuphela. Nathi sinqume ukuba nabo bangabe besangena ezindaweni ezihlala abamnyama.
“Kungcono umuntu asebenzele ngakubo ngoba vele kabahlali emalokishini ethu lapho kusebenza khona amabhasi abo. Kusukela mhla zili15 kuNhlolanja (February), ngeke sisavuma ukuba basebenzele ezindaweni zaba mnyama,” kusho yena.
Uthi sebewubikelile uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ngokungenami kwabo ngalokhu.
UMnu Muzi Hlengwa weNafupa SA, uthi bayaweseka kakhulu umkhankaso weTaxi Alliance ngoba uhambisana nevangeli abalishumayelayo lokuba umnotho ugcine kubantu abamnyama.
Uthi kunomhlangano ababenawo nale nhlangano lapho kuvunyelwane ngokuthi kubanjiswane ngezinto eziningi ezihambisana nokuba kuvinjwe abomdabu baseNdiya nabamhlophe ukuba amabhasi abo angene emalokishini.
Sinqume ukuba nabo bangabe besangena ezindaweni ezihlala abamnyama.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthi kunohlelo lokushintshwa kwezinkontileka zamabhasi kahulumeni oseluqalile kanti iningi labantu abahlomulayo ngabamatekisi.
Uthi kuyaxaka uma kusenokusatshiswa kwabantu.
“Siyacela ukuba abasembonini beze emnyangweni ukuzozwa ukuthi lolu hlelo luqhuba kanjani. Siyaphikisana nokusatshiswa kwabantu, makuboniswane,” kusho yena.
Uthi umnyango uzoqinisekisa ukuthi kalukho uthuthuva olusukayo oluzophazamisa ukuhamba kwamabhasi.
USihlalo weNational African Federated Chamber of Commerce (Nafcoc), uMnu Mandla Buthelezi, uthi bahlale bekugqugquzela ukuthi bonke abantu banelungelo lokuhweba noma kuphi. Uthi okwenziwa yiKZNTA kabakukhuthazi kodwa babona kungcono ukuba kuboniswane.