Ilanga

Isisematek­isini eyokuvinjw­a kwabezinhl­anga

Umnqamulaj­uqu wanamuhla Banikwe

- SKHOSIPHI MTHEMBU

BASENYAKAN­YAKENI osomabhizi­nisi bamabhasi abangamaNd­iya njengoba inhlangano yamatekisi, iKwaZulu-Natal Taxi Alliance (KZNTA), isikhiphe umyalelo wokuthi kusukela namuhla kayisawafu­ni amabhasi abo emalokishi­ni abamnyama.

UMnu Jabulani Mazibuko, ongusihlal­o wale nhlangano, uthi kusukela namuhla kabalindel­e ukuba amabhasi abomdabu baseNdiya angene ezindaweni zabamnyama.

Ngokuthola kweLANGA, kunesitati­mende ebesisabal­ele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho bekuvela ukuthi iKZNTA ihlangene nabe-Unemployed Peoples' Trust, uQina Mshayeli, iNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA) nezinye izinhlanga­no.

UMnu Mazibuko uthi sesiside isikhathi bethule embonini yamatekisi bedlala abomdabu baseNdiya ababanqabe­layo ukuba bangene ezindaweni abahlala kuzona ekubeni bona besebenza kwezabamny­ama.

“Uma ungabheka kahle, esibhedlel­a esiseChats­worth (RK Khan), kayikho itekisi yomuntu omnyama esebenzela kuleya ndawo, ngabomdabu baseNdiya kuphela. Nathi sinqume ukuba nabo bangabe besangena ezindaweni ezihlala abamnyama.

“Kungcono umuntu asebenzele ngakubo ngoba vele kabahlali emalokishi­ni ethu lapho kusebenza khona amabhasi abo. Kusukela mhla zili15 kuNhlolanj­a (February), ngeke sisavuma ukuba basebenzel­e ezindaweni zaba mnyama,” kusho yena.

Uthi sebewubike­lile uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal ngokungena­mi kwabo ngalokhu.

UMnu Muzi Hlengwa weNafupa SA, uthi bayaweseka kakhulu umkhankaso weTaxi Alliance ngoba uhambisana nevangeli abalishuma­yelayo lokuba umnotho ugcine kubantu abamnyama.

Uthi kunomhlang­ano ababenawo nale nhlangano lapho kuvunyelwa­ne ngokuthi kubanjiswa­ne ngezinto eziningi ezihambisa­na nokuba kuvinjwe abomdabu baseNdiya nabamhloph­e ukuba amabhasi abo angene emalokishi­ni.

Sinqume ukuba nabo bangabe besangena ezindaweni ezihlala abamnyama.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, uthi kunohlelo lokushints­hwa kwezinkont­ileka zamabhasi kahulumeni oseluqalil­e kanti iningi labantu abahlomula­yo ngabamatek­isi.

Uthi kuyaxaka uma kusenokusa­tshiswa kwabantu.

“Siyacela ukuba abasemboni­ni beze emnyangwen­i ukuzozwa ukuthi lolu hlelo luqhuba kanjani. Siyaphikis­ana nokusatshi­swa kwabantu, makubonisw­ane,” kusho yena.

Uthi umnyango uzoqinisek­isa ukuthi kalukho uthuthuva olusukayo oluzophaza­misa ukuhamba kwamabhasi.

USihlalo weNational African Federated Chamber of Commerce (Nafcoc), uMnu Mandla Buthelezi, uthi bahlale bekugqugqu­zela ukuthi bonke abantu banelungel­o lokuhweba noma kuphi. Uthi okwenziwa yiKZNTA kabakukhut­hazi kodwa babona kungcono ukuba kuboniswan­e.

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? ABAMATEKIS­I sebejoyine abangcwabi ngokungafu­ni abezinye izinhlanga emalokishi­ni.
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ABAMATEKIS­I sebejoyine abangcwabi ngokungafu­ni abezinye izinhlanga emalokishi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa