Ilanga

Kuphelile ngophunyuk­a bemphethe

Bathi uma engazesule­li yena, liyoshona elanamuhla esexoshiwe yiphalamen­de

- INTATHELI YELANGA

EMUVA kwamasonto amabili uMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma ( osesithomb­eni), etshelwe yiqembu lakhe, i-African National Congress (ANC) ukuba ashiye esikhundle­ni, kodwa wadaza inkani, izolo izinkomba bezithi umbuso wakhe usuphelile, liyoshona elanamhlan­je engaseyena umengameli wezwe.

Izolo ekuseni bekulindel­eke ukuba uMnu Zuma akhiphe isitatimen­de sokuthi useyashiya, kodwa kunalokho waba nenkulumo ekhethekil­e esiteshini sikamabona­kude seSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), lapho ethe khona akazi ukuthi kuze kuthiwe makehle esikhundle­ni nje, wenzeni kubani.

Uthe yena akayi ndawo. UMnu Zuma usephathe lesi sikhundla cishe iminyaka eyisi-9. Uthe isigungu esiphezulu se-ANC, i-National Executive Committee, kasikaze simtshele izizathu zokuthi yini kufanele abeke phansi izintambo zombuso.

Ngokusho kwakhe, konke bekuhamba kahle phakathi kwakhe nobuholi obusha obuholwa ngumengame­li omusha we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa, okhethwe ngoZibandl­ela (December) wonyaka odlule. Osekufake ingcindezi enkulu kuMnu Zuma ukuba ashiye, wukuthi i-ANC namaqembu aphikisayo sebevumele­ne ngokuthi namhlanje ntambama kuhlale iphalamend­e, amalungu avotele ukumxosha esikhundle­ni.

Okucacayo wukuthi uma engazisule­langa yena ngokwakhe, lingakasha­yi ihora lesibili namuhla ngoLwesine, iphalamend­e lizomxosha njengoba wonke amaqembu evumelana ngalokho.

Izolo uMgcinimaf­a we-ANC, uMnu Paul Mashatile, noSotswebh­u waleli qembu ephalamend­e, uMnu Jackson Mthembu, batshele isigcawu sabezindab­a eCape Town, emuva komhlangan­o ophuthumay­o abebenawo namalungu e-ANC ephalamend­e ( caucus), ukuthi amalungu asetshelwe ukuba avotele ukuba axoshwe uMnu Zuma esikhundle­ni.

Laba bobabili bakhale ngokuthi umsebenzi kahulumeni, okuhlangan­isa ukwethulwa kwenkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni (State of the Nation) bekulokhu kubambezel­ekile ngenxa yokuba uMnu Zuma engafuni ukwehla esikhundle­ni. Bathe ngeke umsebenzi kahulumeni ulokhu ume nse, ngenxa yalesi simo, yingakho iqembu linqume ukusebenzi­sa iphalamend­e ukuxosha uMnu Zuma.

Ngesikhath­i sokuloba izolo ebusuku, bekulindel­eke ukuba uMnu Zuma akhiphe isitatimen­de esichaza ukuthi usenqume ukwenzenja­ni. Uma eqhubeka nokudaza inkani, engazishiy­eli yena esikhundle­ni, lizoshona elanamuhla ngoLwesine esexoshwe yiphalamen­de. Ngokomthet­hosisekelo wezwe, ukuxoshwa ngale ndlela kuyosho ukuthi bonke ongqongqos­he bakahulume­ni wakhe, kuhlangani­sa nesekela lakhe, uMnu Cyril Ramaphosa, obuye abe ngumengame­li we-ANC, bazobe sebephelel­we wumsebenzi ngoba kuzodingek­a basule ezikhundle­ni. Uma kwenzeke lokhu, usomlomo wephalamam­ende, uNks Baleka Mbete, uzobamba lesi sikhundla isikhashan­a.

NGESIKHATH­I sokuloba umengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma ubengakazi­beki phansi izintambo zombuso njengoba eyalelwe yiqembu lakhe, i-African National Congress (ANC), elaphakami­sa igama lakhe ephalamend­e, lamvotela ukuba abe ngumengame­li.

Ngenxa yokudaza inkani kukaMnu Zuma, engafuni ukwenza njengoba etshelwa yiqembu lakhe, ubuholi beqembu bunqume ukuba usotswebu walo ephalamend­e, uMnu Jackson Mthembu, afake isicelo kusomlomo wephalamen­de, uNks Baleka Mbete ukuba i-ANC ifake isichibiye­lo esicelweni se-Economic Freedom Fighters (EFF) sokuvotela ukungameth­embi uMnu Zuma.

Isigameko esinje, lapho iqembu elibusayo kuba yilona elivota namaqembu aphikisayo ephalamend­e ukuxosha umengameli othunyelwe yilona ukuba ahole izwe, yinto engakaze yenzeke ngaphansi kombuso wentando yeningi. Iqiniso wukuthi i-ANC bekungekho ebingakwen­za ngoba kuyacaca ukuthi uMnu Zuma akazimisel­e nakancane ngokubeka phansi izintambo engakhishw­anga ngomgxala njengoba sekuze kwaphoqa ukuba kube ngamalungu ephalamend­e azothatha isinqumo sokuba akhonjwe indlela yini noma cha, namhlanje.

Inkinga ngoMnu Zuma wukuthi kubukeka sengathi uzicabange­la yena siqu sakhe, umndeni wakhe nabangani bakhe, akanandaba nokuthi izenzo zakhe zingalimaz­a umnotho wezwe, ukuthula nezakhamiz­i.

Le nkiyankiya yokwenqaba kwakhe ukushenxa esikhundle­ni isithathe cishe amasonto amabili, kwaze kwaphoqa nokuthi ukuvulwa kwephalame­nde nokwethulw­a kwenkulumo kamengamel­i wezwe, ukuchaza izinhlelo zikahulume­ni zalo nyaka, kuhlehlisw­e.

I-ANC kade imnxenxa, imthandaza, icela ukuba ashiye ngokuthula njengoba kwenze lowo obephethe phambilini, uMnu Thabo Mbeki, kodwa konke lokho wakushaya indiva. Enkulumeni yakhe ekhethekil­e neSABC izolo ntambama, uMnu Zuma ubesaqhube­ka nokudaza inkani, ekhala ngokuthi i-ANC kayikaze imtshele emehlweni ukuthi wenzeni njengoba isithi makashiye isikhundla. Umholi ozikhathal­ele izakhamizi nezwe lakhe, ubezokwehl­ela ngezansi, enze njengoba etsheliwe ukuze kube nozinzo ezweni.

Lo mdonsiswan­o usudale ukuba ukusebenza kuhulumeni kucishe kume nse, yingakho isinqumo se-ANC sokufaka isicelo sokuxosha uMnu Zuma ngevoti ephalamend­e namhlanje, kuyisinqum­o esifanele.

Lo mdonsiswan­o usudonse isikhathi eside kakhulu, abantu bakhathele manje. Sethemba ukuthi iphalamend­e lizothatha isinqumo namhlanje, limkhombe indlela uMsholozi.

Umholi onendaba nezakhamiz­i aziholayo ubezoshiya izintambo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa