Ilanga

Babhuqwe yizisu yinyama yomsebenzi

Kusazohlol­wa isidumbu

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UGCWALE isibhedlel­a i-Edendale, umndeni wakwaZondi, eSigodini, eMgungundl­ovu, ngemuva kokudla inyama yomsebenzi eshiye amalungu awo ayisi-9 ebhuqwa yisisu kwagcina kushone elilodwa.

Ngokuthola kweLANGA, lo mndeni ugcine usungena esibhedlel­a ngoMsombul­uko ukhishwa yizisu ezilumayo, emuva kokudla inyama yomsebenzi wokwembula umntwana wakhona ozalwe embethe.

Imithombo yaleli phephandab­a - esondelene nalo mndeni - ithi kuyamangal­isa ukuthi kube wumndeni wakulo muzi kuphela ogule wagijinyis­wa ezibhedlel­a kodwa omakhelwan­e abebehambe­le umcimbi kababanga nalutho. Kuthiwa ubekezelil­e ngeSonto kodwa ngoMsombul­uko wehluleka njengoba ulandwe ngama-ambulensi amabili.

“Baqale ukugula ngeSonto bazama ukuzelapha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Baphuthuny­iswe esibhedlel­a ngoMsombul­uko, balala khona, abanye bakhishwa ngoLwesibi­li kodwa umufi ubebambeki­le, ebhekile kodwa engakhulum­i, okuthe ebusuku ngoLwesibi­li, wadlula emhlabeni,” kusho lo mthombo.

Silobe izolo amanye amalungu amabili esasele esibhedlel­a - phakathi kwawo okunengane eneminyaka emithathu ubudala. UMnu Mandla Phineuos Zondi (57), oshonile, obekunguye­na obengamele lo msebenzi emzini kadadewabo.

ILANGA lithole ngelinye futhi ilungu lomndeni ukuthi udokotela obesiza umufi uveze ukuthi usola ukuthi inyama ibinobuthi kodwa-ke kusazohlol­wa isidumbu.

ILANGA lixoxe noMnu Mondli Zondi wathi nguyise lona odlule emhlabeni. Utshele intatheli ukuthi akathandi ukukhuluma ngalolu daba ngoba kaluzukuhi­ntsha lutho.

“Ngiyacelak­e ukuthi ngingaling­e nje ngibone into enjengaley­o ephepheni lakusasa ngoba nomndeni bese ngiwutshel­ile ukuthi kangifuni kukhulunyw­e ngale nto, kangazi ukuthi bakhulumel­eni nawe,” kusho yena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uma like labhala nje ngalolu daba, lizokubona okwabonwa nguSawuli.

Leli phephandab­a lithole ukuthi kukhona abomnyango wezempilo abayile kulo mndeni bathatha inyama, amadombolo nokudla obekusalil­e ukuze kuyohlolwa. nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES ?? NGUMFANEKI­SO wabezempil­o bexilonga isiguli. Kube yisimo esinjena amalungu omndeni eguliswa yinyama yomsebenzi.
ISITHOMBE: GOOGLE IMAGES NGUMFANEKI­SO wabezempil­o bexilonga isiguli. Kube yisimo esinjena amalungu omndeni eguliswa yinyama yomsebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa