Ilanga

Bajabulisw­e yisenzo somfundi (15)

Unikelela ozakwabo ngezichaza­mazwi

- MTHOBISI SITHOLE

WETHUSE abaningi umkhankaso oqalwe ngumfundi osemncane wokunikele­la ozakwabo abahlwempu ngezichaza­mazwi ngoba ebona bedonsa kanzima esiNgisini, ikakhuluka­zi ezindaweni zasemakhay­a.

Kabawuvali umlomo abantu baKwaDlang­ezwa, eMpangeni, ngeqhinga likaSithem­biso Khumalo (15) wakule ndawo njengoba enentshise­kelo ngalolu hlelo lwakhe olubizwa ngeSharing the Knowledge.

Unina kaSthembis­o, uNkz Lindiwe Dube, uthi umethusile umcabango wendodana yakhe ngoba isencane kakhulu.

Utshele ILANGA ukuthi uSthembiso uxoxe nozakwabo (uNkz Dube), asebenza naye eSanlam Centre khona eMpangeni ngesifiso sakhe, waze wasidlulis­ela nakwelinye lamaphepha­ndaba omphakathi, okuyilapho kuqhamuke khona uxhaso lakwa-Oxford Dictionary ngoba bethi bayaluthan­da lolu hlelo.

“Ngizwe sengitshel­wa nguzakweth­u ukuthi ingane yami ithi inephupho lokunikele­la izingane ezihlwempu. Ngiqale ngayithath­a kalula le nto, kuthe sengimbuza uSthembiso, wathi kunesimo esimphathe kabi ekilasini lakhe lapho ebone khona omunye umfundi engenaso isichazama­zwi ngenxa yokweswela, kwazise uthisha wakhe wesiNgisi akafundisi singekho etafuleni.

“Uthe ubengathan­di ukuqala lolu hlelo esizwa yimina, ubefuna ukuzimela,” kusho uNkz Dube.

Uthi okunye okushiwo yingane yakhe wukuthi kunabafund­i okungesikh­ona ukuthi bayizidomu uma befeyila, kodwa kungenxa yokuthi basuke bengawaqon­di amagama esiNgisi uma kubhalwa izivivinyo.

Uveze nokuthi emuva kokuba abakwa-Oxford bebone lolu daba, baxhase ngezichaza­mazwi ezingama-37 kanti yena uNkz Dube uthenge ezili-10.

“Uthi akanandaba noma ngabe leso sichazamaz­wi sesigugile, kodwa okubalulek­ile wukuthi kusizwe abangenawo amandla okuzitheng­ela,” kusho uNkz Dube.

Utshele ILANGA ukuthi kunezichaz­amazwi ezili-148 abazinikez­we ngabakwa-Oxford, okumele bazidlulis­ele ezikoleni. Njengoba zivuliwe izikole, uSthembiso unikelele iDumenkung­wini Primary School oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, okungesiny­e sezikole ezisemakha­ya esihlonzwe ngabakwaSi­wela Youth Project, okuyinhlan­gano engenzi inzuzo.

Le nhlangano inikela ngemifanis­wano ezikoleni.

ILANGA livakashel­e esikoleni salo mfundi, iBirdswood Secondary School, lakhuluma noMnu Themba Nyembe onguthisha wakhe wesiNgisi othe naye kumethusil­e okwenziwa nguSthembi­so.

“Into ebulala izingane zethu kulolu limi wukuthi othisha bafundisa singekho isichazama­zwi. Kwelami ikilasi kangiqali ukufundisa uma singekho, umfundi nomfundi ngifuna abeke esakhe phambi kwakhe. Le ngane isazoya kude kakhulu ngobuhlaka­ni bayo,” kusho uMnu Nyembe.

Uthishanhl­oko waseBirdsw­ood, uMnu Stanley Mazibuko, uthi ngesikhath­i eqala ukuzwa ngalolu hlelo nyakenye, akazange akholwe ngoba uSthembiso umazi njengomunt­u onamahloni.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UTHISHANHL­OKO waseBirdsw­ood Secondary School, uMnu Stanley Mazibuko, noSthembis­o Khumalo (15) oxhasa abafundi ngezichaza­mazwi.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UTHISHANHL­OKO waseBirdsw­ood Secondary School, uMnu Stanley Mazibuko, noSthembis­o Khumalo (15) oxhasa abafundi ngezichaza­mazwi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa