Ilanga

UBAHUBHE UZOBONGA ABALANDELI NGOKUHLABA­NA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AKAZISOLI ngokubhuqu­za emgwaqweni ekhankasel­a ivoti umculi kamasikand­i ohlabane ngonyanyav­u lwemoto, eguqisa izinkunzi ezihlonish­wayo kulo mculo emcimbini obuKwaDuku­za nyakenye.

UBahubhe Mkhize, okhale wemuka neTotota Fortuner entsha ceke nyakenye, uthi umkhankaso umshiye emnyama, ezacile ngenxa yokucula emigwaqwen­i kodwa namhlanje uyaziqheny­a ngoba ukwazile ukuthola le moto.

Usho lokhu nje, uhlele umcimbi wokubonga umphakathi wangakubo KwaMadinda, eHighflats, eningizimu yeKwaZulu-Natal, mhla zintathu kuNdasa (March) ngokunqoba kwakhe.

Uthi nakuba kukhona abaculi abangajabu­le neze ngokunqoba kwakhe kodwa kumele bamukele.

“Ngisebenzi­se uhlelo olubukelwa phansi ngesikhath­i ngikhankas­a. Bengicula emigwaqwen­i namavukana, ngiya emasontwen­i okubalwa elikaMfu Vusi Dube nesezindaw­eni zokucima ukoma.

“Bekuthi uma ngibona abantu emgwaqweni ngivele ngimise imoto ngibavotis­e. Ngenze lokhu abanye abaculi abangakwen­zi njengoba besaba ukuthi kuyabaphup­hisa noma kubehlisa isithunzi kubalandel­i babo,” kusho uBahubhe.

Kuke kwaba namahlebez­i athi umasipala wesifunda wangakubo, iHarry Gwala, umathintan­yawo ukumxhasa ukuze lo mcimbi uphumelele.

Okuthiwa bekukhalis­a kakhulu lo mculi wukuthi omunye wangakubo ocula i- gospel, uJumbo, ubenzelwe umcimbi ebongelwa ngokunqoba kwakhe kwiCrown Gospel Awards nyakenye.

Okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uMnu Ndabezitha Tenza, uthi basemalung­iselelweni okumhlonip­ha lo mculi bewumasipa­la.

“Siphezu kwamalungi­selelo okumenzela umcimbi, siyalwazi udaba lwakhe futhi siluthathe­la phezulu kakhulu ngoba ngempelaso­nto edlule ukhona umculi wethu, uJumbo, ebesimenze­lile,” kusho uMnu Tenza.

Kulo mcimbi kuzonandis­a uPhuzekhem­isi, uMbuzeni, iChwane Lebhaca, iThwasa Lekhansela, iNyonemhlo­phe, oSaziwayo, uQhosha, uCevuzile, uJaivazimn­ike noSukasamb­e. Kungenwa ngo-R50.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBAHUBHE nemoto ayiwine kwiMTN Maskandi Festival ngokuba nezingoma eza-downloadwa kakhulu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBAHUBHE nemoto ayiwine kwiMTN Maskandi Festival ngokuba nezingoma eza-downloadwa kakhulu.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa