Ilanga

Zimkhalele uyise wengane yephoyisa

Uboshwe nowesilisa osolwayo

- NOMFUNDO NGWANE

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a uyise wengane yephoyisa ebelinyama­lele okutholaka­le amathambo alo emotweni yalo ishisiwe ngeledlule.

ILANGA libike kabanzi ngeledlule ngodaba lokunyamal­ala kukaConst Senzeni Msipha ( osesithomb­eni) obesebenze­la esiteshini samaphoyis­a eMthunzini.

Leli phephandab­a libike ukuthi uConst Msipha ugcine ukubonakal­a ekupheleni kukaMasing­ana (January).

Kuthiwa uphume kubo ngosuku ahole ngalo eyothengel­a izingane ukudla ezosheshe abuye. Kubikwe ukuthi ubekade ebuya ukuyonika uyise wengane yakhe incwadi yesivimbel­o senkantolo.

Imithombo yeLANGA iveze ukuthi ingxabano phakathi kwalezi zithandani isuke ngesikhath­i umsolwa ethola ukuthi ingane yesibili kaConst Msipha kakuyona eyakhe - ubazi ukuthi ngezakhe zombili. Kuthiwa selokhu umsolwa ethole lezi zindaba ubesehlale emlwisa unina wezingane zakhe.

Ngeledlule ILANGA libike ukuthi kutholakal­e imoto efana neyakhe ishayise isigxobo ya- shiswa, phakathi kuyona kutholakal­e amathambo omuntu obekusolek­a ukuthi ngawakhe.

Kuthiwa uyise wengane yakhe uboshwe nowesilisa asolwa naye. Umthombo waleli phephandab­a uveze ukuthi ngesikhath­i umsolwa engakabosh­wa, ubengazi nanyaka ngesikhath­i kusabalele izindaba zokuthi unina wengane yakhe unyamalele.

Kuthiwa ufonele elinye ilungu lomndeni wakwaMsiph­a elazisa ukuthi uConst Msipha uselifakel­e incwadi yesivimbel­o senkantolo, wazenza umuntu ongazi lutho ngodaba lokunyamal­ala kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa aseMpangen­i, uCapt Mbongeni Mdlalose, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwabasolwa ababili, wathi bavelile eNkantolo yeMantshi yaseMthunz­ini izolo ngoLwesith­athu, icala labo lahlehla.

Uthi kulindelek­e ukuba babuyele enkantolo maduze.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa