Ilanga

Isililo ebulawa yi-

Imdabule isifuba washonela khona lapho

- NOMFUNDO NGWANE

SIKHULU isililo emndenini wakwaMandl­anzi, eMnyathi eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngokushona kukababa wekhaya ebulawa wumshini wokusika (grinder) elungisa umuzi wakhe. UNkk Mirriam Mandlanzi, oyinkosika­zi kaMnu Mandla Mandlanzi (57), utshele ILANGA ukuthi bavuke ngoMsombul­uko nomyeni wakhe balungisa ubonda lomuzi wabo, befuna ukufaka iwindi kabusha.

“Ubaba ubekhala ngokuthi kuyashisa kakhulu ekamelweni lethu sabe sesihlela ukuthi sifake ifasitela elisha,” kusho uNkk Mandlanzi.

Kuthiwa ngesikhath­i uMnu Mandlanzi esika ubonda, okusasonjw­ana le- grinder kuphume kuqhasha kwamsika phakathi nesifuba washonela khona lapho. “Ngesikhath­i kwenzeka lokhu bengikweny­e indlu kukhona engikulung­isayo.

"Ngizwe ngomsindo ubaba ememeza eselimele kanzima esifubeni.

"Kube yisikhathi esincane elimele wadlula emhlabeni ngenxa yokuthi ubesikeke kakhulu esifubeni,” echaza uNkk Mandlanzi.

Uthi bebejwayel­e ukuthi uma kukhona okonakele emzini wabo babambisan­e ukukulungi­sa. “Ngisekude ukukhohlwa yinto engiyiboni­le, umyeni wami ebulawa yithuluzi lakhe asebenza ngalo libe lisetshenz­iswa nguyena!” kusho yena.

UMnu Sifiso Mandlanzi, oyindodana kamufi, uthe: “Ubaba ubekade engicelile ukuba ngimsize ufuna ukufaka ifasitela ekamelweni lakhe, ekhala ngokushisa.

Ngenxa yokuthi benginendl­ela, ngibashiye besebenza nomama, okuyinto abebejwaye­le ukuyenza ekhaya,” kusho yena.

Uthi uyise ubekukhonz­ile ukuziba- mbela uma kunento edinga ukulungisw­a egcekeni futhi enamathulu­zi akhe. khulumela amaphoyisa esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal, uCol Thembeka Mbhele, uthe babikeliwe ngalesi sigameko kanti kumanje amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo ngokushona kukaMnu Mandlanzi. nomfundo@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa