Ilanga

INHLANGANO YESEKA I-SARS KOLWEMALI EMABANDLEN­I

- INTATHELI YELANGA

ISIPHUMELE obala yeseka isinqumo seSouth African Revenue Services (Sars) iFreedom of Religion South Africa (FOR SA) mayelana nokuthi lufakelwe izibuko udaba lomkhonyov­u ekusingath­weni kwezindaba zemali okusolwa ukuthi wenzeka emabandlen­i ezenkolo eNingizimu Afrika.

Lokhu ikusho esitatimen­deni esithumele­le abezindaba.

Le nhlangano ithi iyakuqonda ukuthi uphenyo lukhuthazw­a futhi lwesekwe yiKhomishi­ni yamaLungel­o ezeNkolo, iziLimi namaSiko ngokombiko wayo esanda kuwethula othi kunezikhal­o phakathi kwazo okukhona esokuphend­ulwa kwezenkolo “ibhizinisi” kanjalo nokuxhapha­za izinhlelo zenkolo yabantu.

“I-FOR SA ithi iyayeseka iCommissio­n for the Promotion and Protection of Cultural Religious and Linguistic Communitie­s (CRL) emsebenzin­i wayo wokugqamis­a izenzo zokwephula umthetho okwenzeka kwezenkolo. Futhi besilokhu simile ekutheni inkululeko yezenkolo kayinakuse­tshenziswa njengezaba zokwephula noma zokugwema umthetho wezwe, kuwona okukhona nemithetho yentela.

“Umbono wethu esingakaze sigudluke kuwona uthi cishe kuzona zonke izimo, lezi zinkinga ziyoxazulu­lwa ngokuseben­zisa imithetho ekhona vele.

“Uphenyo lwabakwaSa­rs luyisibone­lo esihle esibonakal­ayo salokho njengoba benikezwe amandla futhi kubafanele ukuqoqa imali abayikwele­twayo eyintela nokuphenya basebenzis­e umthetho oqonde kulowo muntu noma inhlangano engathobel­i umthetho” kusho iFOR SA esitatimen­deni.

Lesi sitatiment­e, esikhishwe ngesandla somqondisi weFOR SA, uMnu Michael Swain, siphetha ngokuthi ngokwenqub­o kakufanele kube nokumelana nokuba abakwaSars noma yisiphi esinye isigaba sikahulume­ni, ukuba basebenzis­e imithetho ekhona nokuthi uma kukhona abahongayo, lokho kukodwa kuyisizath­u sokuba abakwaSars baphenye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa