BAMXOSHELE AMARIPHOTHI U-PRINCIPAL
UVUKE umbhejazane umphakathi waseMaoleni, eDonnybrook, eningizimu-ntshonalanga yeKwaZuluNatal wakhomba indlela uthishanhloko waseDumabezwe High School emasontweni amabili edlule unengwa wukuthi kayikhishwanga imiphumela yabafundi nyakenye.
Lokhu kuholele ekutheni abafundi babuyele esikoleni ngoMasingana ( January) izikole zingakavulwa ukuze bayobuyekeza abakufunde nyakenye, baqale phansi ukubhala izivivinyo.
Abazali bashaye phansi ngonyawo bathi ngeke kuqale ukufunda uma esekhona uthishanhloko abamsola ngokuhambisi kahle izinto.
ILANGA libikile nyakenye ngomsindo omkhulu osuke kulesi sikole ngesikhathi abafundi bengawatholi amariphothi ngosuku lokuvalwa kwezikole emuva kokuba kube nezifundo ezimbili ezingabhalwanga kwaGrade-10 no 11, okuyiGeography neMaths.
Gwiqiqi, abuya esenamamaki alezi zifundo yize zingabhalwanga.
Kubikwe ukuthi kunenhloko yezifundo engavumanga ukuba adedelwe amariphothi - enala mamaki “omgunyathi” - yanqaba ukuwasayina.
Lezi zifundo bezingabhalwanga ngoba kuthiwa kunezigaba ezithile zesilabhasi ezingafundwanga, kwavela nokuthi kwabona othisha bayinhlakanhlaka.
Kubizwe umhlangano wabazali kwavunyelwana ngokuthi mhla zinta-thu kuMasingana nonyaka, kumele abafundi baye esikoleni beyobu-yekeza bese mhla zili-11 kuya mhla zili-12, kubha-lwe lezi zivivinyo.
Ikhansela leDemocratic Alliance (DA) kule ndawo, uMnu Victor Phoswa, lithi bese kunesikhathi eside lizwa ukuthi izinto kazihambi kahle kulesi sikole, lacela umhlangano kodwa isicelo salo safelwa ngamathe ngabaphathi besikole.
Uthi emhlanganweni obusesikoleni ngesikhathi kudingidwa inkinga yokungabhali kwabafundi, kunomfundi otshele abazali ukuthi kunothisha othe akazi uzofundisani wabe esevalwa ukuba akhulume.
UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe lolu daba lusingethwe wumnyango uyalulungisa ngendlela efanele.