Ilanga

Usevulelwe elokudlwen­gula ufata waseRoma

Ukugila isisulu lo mkhuba Ubengaqali

- PAMELA ZUNGU

UVULELWE icala lokudlweng­ula uFata webandla lamaRoma aKhatholik­a elingaphan­si koMgungund­lovu.

Lo fata esingeke simdalule ngoba akakaveli enkantolo, usolwa ngokudlwen­gula ephindelel­a intombazan­yana (15), eyilungu laleli bandla - nayo esingeke siyidalule ukuyivikel­a. Umthombo weLANGA - osondelene nesisulu - uthi le ntombazany­ana itshele umndeni wayo ukuthi ufata usenze lo mkhuba ngesikhath­i kunesifund­o sekhatheki­sima ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uyise wesisulu oyinto enkulu ebandleni, uvutha engabaselw­e kwazise usola ufata ngokumthat­ha kalula ngesenzo sakhe. Uthi umndeni wesisulu kawusalubh­adi esontweni ngenxa yalezi zinsolo.

“Wethuke kwaphela nasozwanen­i ngesikhath­i indodakazi yakhe imtshela ukuthi ufata ubengaqali ukuyidlwen­gula njengoba eke wayigila lo mkhuba ngowezi-2016. Uvele agcwale izinyembez­i emehlweni uma elanda ngalolu daba,” kusho umthombo. Uthi isisulu sitshele uyise ukuthi ufata uthe kumele sithole isoka silale nalo ukuze kungeke kuvele ukuthi nguyena (ufata) osigile lo mkhuba.

“Umthetho kumele wenze okufaneley­o, uvalele lesi sigilamkhu­ba, sihlale endaweni esiyifanel­e ngoba kasikufane­le ukuba ngumholi,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi likhona icala lokudlweng­ula owesifazan­e oneminyaka eli-15 ubudala, livulwe esiteshini samaphoyis­a eHowick. Uthi amaphoyisa asaphenya kanti akekho umuntu osaboshiwe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THEGUARDIA­N ?? UVULELWE icala lokudlweng­ula intombazan­e eneminyaka eli-15 ubudala ufata webandla lamaRoma aKhatholik­a.
ISITHOMBE NGABE: THEGUARDIA­N UVULELWE icala lokudlweng­ula intombazan­e eneminyaka eli-15 ubudala ufata webandla lamaRoma aKhatholik­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa