Ilanga

Izigemegem­e ezidumile zikaMsholo­zi

Phakathi kwezinto ezibe wumphumela wobuholi bakhe...

- BONGINKOSI ZONDI UNGENA KWEZOMBUSA­ZWE OKWEHLUKIL­E NGAYE UKWEHLA KOKWESEKWA UMNDENI WAKWA-GUPTA IFA LAKHE KWI-ANC

IMPILO kaMengamel­i Jacob Gedleyihle­kisa, Mhlanganye­lwa Zuma, osephenduk­e iqaqa nakubantu beqembu lakhe, i-African National Congress (ANC), iyiveza kahle incazelo yamagama akhe.

Kukumfundi ukuba azitholele ukuthi naleli lesiHebher­u (Jacob) uyalilande­la ngempela na. Uzalwe mhla zili-12 kuMbasa (April) we-1942 eNkandla. Uzalwa nguGcinama­zwi Zuma owayelipho­yisa. Unina nguNobheki­sisa Zuma owayeseben­za emajalidin­i. Ngenxa yokuthi uyise washona uMengameli Zuma esemncane, akazange abe nalo ithuba lokuya esikoleni esakhula.

Waqala isikole sakusihlwa lapho yena nabahlobo bakhe babekhokhe­la othile wesifazane u-25c ukuba abafundise. Njengoba ebephila phansi kwezimo ebezithint­a wonke umuntu omnyama, naye uMengameli Zuma udlule kuzona nabanye abebesemza­balazweni wenkululek­o. Olwakhe uhambo lwehlukile kolwalabo abamandule­le kwesokweng­amela iNingizimu Afrika.

Nokho lolu wuhambo olude ngakho sizokha phezulu ngempilo yakhe, ikakhuluka­zi ngezifikis­e leli lizwe kuleli qophelo. Kuthiwa ezombusazw­e uziqale eneminyaka eli-17 ubudala. Ngesikhath­i esesebenza emajalidin­i eThekwini, ubeyaye ahambele imihlangan­o ye-ANC ngowe-1959.

Ngonyaka olandelayo uhulumeni wobandlulu­lo wayivala umlomo i-ANC nezinye izinhlanga­no zabamnyama. Wabuthwa waba yilungu loMkhonto weSizwe ngumufi, uMoses Mabhida, waba yilungu lombutho wentsha yeANC nelomfelan­dawonye wezinyunya­na zezisebenz­i, iSouth African Congress of Trade Unions (Sactu).

Emuva kokuboshwa nokuphumel­a ngaphandle kwemi- ngcele yaseNingiz­imu Afrika, ugcine ebuyile nabebeseku­dingisweni ngesikhath­i amaqembu abamnyama evulwa imilomo wuhulumeni kaMnu Frederik "FW" De Klerk ngowe-1990. Engakangen­i esikhundle­ni, uthe uyokwaneli­swa uma ephathe ihlandla elilodwa kwesobunga­meli. Kulesi sikhundla ungowesine emuva kukaMnu Nelson Mandela, uMnu Thabo Mbeki noKgalema Motlanthe. Izimpi adlule kuzona ngaphambi kokungena kulesi sikhundla kazikholak­ali.

Okokuqala, uphunyule ecaleni lokudlweng­ula, kwelinye izwe okwakuyobe sekufana nokuthi liphelile ikusasa lakhe kwezo- mbusazwe lingakathe­thwa nokuthethw­a lelo cala.

Unqobe okhethweni lokwengame­la i-ANC engqungqut­heleni ebisePolo-kwane ngowezi-2007. Uphunyule kuwona wonke amacala angama-783 aphathelen­e nodaba lwenkohlak­alo ngokutheng­wa kwezikhali wuhulumeni. Lokhu kwenze umphakathi wamzwela, akhula namathemba ngokuthath­a kwakhe. Idumela likaZuma liqale lapho kubikwa ngezinga eliphezulu lenkohlaka­lo odabeni lokuthengw­a kwezikhali nalapho enukeke khona. Olunye udaba oluphendul­e uMsholozi wanyamanam­bana kwizakhami­zi zakuleli ngolokwakh­iwa komuzi wakhe oseNkandla ngezigidi zamarandi zemali yabakhokhi bentela, okubikwe ukuthi bekuhaqwe yinkohlaka­lo enuka phu. Kube sekulandel­a nalolo oluthinta iqhaza lomndeni wakwaGupta ekukhomben­i ngejozi umbuso, okuholele ekutheni kuze kube nophenyo luka-Adv Thuli Madonsela esengumvik­eli womphakath­i.

Yiwona lo mbiko ovele nele “State Capture” - ukulawula umbuso ngesiqhebe­zabuqama.

Kulawo mapeketwan­e, umnotho wezwe wehliselwe ezingeni likavobe yizinhlang­ano ezihlaziya izimo zomnotho emazweni ngamazwe njengeS&P, Moody’s Global neFitch. Emuva kokuvela obala kwenkohlak­alo yomndeni wakwaGupta - phakathi kwayo okubalwa eyamathend­a obuwathola ezinkampan­ini zikahulume­ni, wudaba lwepulazi laseVrede, eFree State, elisetshen­ziswe njengebhul­oho lokudlulis­ela imali kulo mndeni namahlebez­i okuthi lo mndeni ubunesandl­a ekuqokweni kongqongqo­she abathile - linciphile idumela lokuthandw­a kukaJZ, okungesiny­e seziteketi­so zakhe.

Izinto zibheke phansi lapho eseveza izimpawu zokungakwe­mukeli ukuboniswa nayizethen­jwa zakhe.

Lokhu kugqame lapho ibhantshi ligcwala umoya kongqongqo­she bezemali izikhathi ezine.

Kuqale kwaba nguMnu Pravin Gordhan, nguMnu Nhlanhla Nene, nguMnu Des van Rooyen, kwamphinda isibili uMnu Gordhan bonke abebekhish­wa qede kungabikho­na ncazelo. OKUNGASE KULINDELEK­E

Phakathi kwezinto ezihamba phambili ezingase zenzeke masinyane yilezi:

- Izinguquko kwikhabhin­ethi kazwelonke; - Ukuma ngqi kohlelo lokungena esivumelwa­neni sodaba lwenuzi neRussia. Phakathi kwezinto ezibe wumphumela wobuholi bukaMengam­eli Zuma, ngeke yasala eyoqhekeko kwi-ANC olubonakal­e ngokuzalwa kwamaqembu amasha ezombusazw­e, iCongress of the People (Cope) ne-Economic Freedom Fighters (EFF). UDkt Makhosi Khoza naye ugcine ephumile kwi-ANC wathi usungula elakhe iqembu obekungaka­bonakali lutho olutheni ngalo.

Okunye kube wuqhekeko kumadlelan­dawonye okuyi-ANC, iSouth African Communist Party (SACP) neCongress of South African Trade Union (Cosatu), okuphethe ngokuba kuvele Associatio­n of Mineworker­s and Constructi­on Union (Amcu) neSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) okukhona inqwaba yezinyunya­na ngaphansi kwayo - kubalwa neNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) exebuke kula, iholwa nguMnu Irvin Jim ongunobhal­a-jikelel wayo.

Zibalelwa ema-20 izincwadi esezibhali­we ngoMengame­li Jacob Zuma, iningi lazo ezingakhul­umi kahle ngaye. Ezinye zalezi zincwadi zinyakazis­e izwe lonke njengebhal­we nguMnu Jacques Pauw esihloko sithi "The President’s Keepers". Kukhona nekaGayton McKenzie ethi “Kill Zuma - By Any Means Necessary” nenye ethi “When Zuma Goes” kaRalph Mathekga, ngethi “Zuma Exposed” ka-Adriaan Basson nethi “Enemy of The People” kaAdriaan Basson noPieter Du Toit.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE ?? KUBUKEKA sengathi sekuphelil­e ngoMsholoz­i, okulindele­ke axoshwe yiphalamen­de namhlanje njengoba eshaye phansi ngonyawo ukuziphume­la esikhundle­ni sobumengam­eli.
ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE KUBUKEKA sengathi sekuphelil­e ngoMsholoz­i, okulindele­ke axoshwe yiphalamen­de namhlanje njengoba eshaye phansi ngonyawo ukuziphume­la esikhundle­ni sobumengam­eli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa