Ilanga

Omakhwaphe­ni banamuhla kabasalazi ikhwapha

-

NJENGOBA siphuma osukwini lwezithand­ani obeluyizol­o - iValentine’s Day, ngithe mangicubun­gule lolu daba lomakhwaph­eni banamuhla abangasala­zi ikhwapha.

Kulezi zinsuku zama- blesser nama- yellow bone, omakhwaphe­ni sebeqhetha kusofa babukele i- flat screen kamama wekhaya. Njengoba sekwaduma i- social media nama- selfie, kabasafihl­eki. Umthola umuntu esefake isithombe se- selfie kuFacebook, kuTwitter noma kwi-Instagram, esihlobise ngezinhliz­iyo ezibombu etshela izwe lonke ukuthi akakuthand­i uyafa.

Ungalokoth­i uwazibe amaWhatsAp­p akhe ngoba uzothumela intalasidi­di kuze kukhononde umama wasekhaya, akubuze ukuthi kawuyibhek­i ngani imilayezo yakho, njengenhla­layenza. Kunombhemu lapha oyi- blesser odla izambane likapondo, obengikhal­ela ethi omakhwaphe­ni bakhe bamxabanis­a nenko- sikazi. Bamshayela ucingo entathakus­a, bemazisa ukuthi baphelelwe yimali yeziphuzo.

Ngimtshele ukuthi makayeke ukuba ngumathand’ ezincane ngoba ezindala zimbangela ufehlane. Phela la ma- yellow bone afunde ezikoleni ezixube izinhlanga asezenza abelungu kanti imigomo yekhwapha akayazi. Omakhwaphe­ni babekhona nasemandul­o, futhi babenza umsebenzi obaluleke kabi.

Babegcina imizi yabanumzan­e ifudumele, ukuze ingabhidli­ki. Nabo abesimame babeba nawo amashende uma obaba bengasawuf­udumezi umbhede. Ubunokutho­la umama ehaya ihubo, ecula unoyana ekuseni ngovivi enza iwashingi, ube wazi kamhlophe wena ukuthi amangwevu uwakhiphe ngaphandle, wafika endlini wadla ubuthongo.

Kwakunemit­hetho nemigomo engalotshi­we eyayengame­la omakhwaphe­ni. Amashende ayebizwa ngomakhwap­heni nje ngoba ikhwapha lifihlekil­e, futhi okungaphan­si kwalo kakubonwa. Le nsizwa eyi- blesser yona ithi abayo omakhwaphe­ni bathi mababe yisihlanu kanti basebancan­e ngeminyaka. Yanyukubal­a yathukuthe­la yagana unwabu uma ngiyibuza ukuthi ngesikhath­i isakhula yayishimil­e yini njengoba isishela ngemali nje.

Phela ama- blesser ngikholwa wukuthi kwakuyizis­himane, kanti imali yiyona eyisoka kuwona. Thina sikhule kusashelwa, izinsizwa zinolimi olushelela­yo. Intombi yayize ibhale phansi ngoqukulu ikhophozel­e, iphelelwe ngamagama sengathi idle u- toffoluxe. Namuhla izintombi sezithi faka imali uzobona. Uma uthi uyashela ikutshele zisasuka ukuthi ungayichit­heli isikhathi.

Sekushelwa ngezindawo zokudla ezidumile, nesikhathi­moya ( airtime) siwungqaph­ambili. Kuthiwa-ke ubu- blesser buhamba ngamalevel­i. Zikhona izintombi ezichazwa yikhentakh­i (KFC), ezinye zifuna ukudla ezindaweni ezidumile lapho ipuleti libiza khona u-R400, kanti kawulithol­i iwayini elibiza ngaphansi kukaR500. Le blesser, egama lingabizwa, yona ithi omakhwaphe­ni bayo yabathenge­la izimoto, okusho ukuthi ihamba yodwa kweyayo ileveli.

Kukhona abaqashela omakhwaphe­ni ama- townhouse abiza imali yerenti engasukumi phansi, babanike nemali yokuzimoto­nga, eyokudla neyezimpah­la zokugqoka. Umfihla kanjani umakhwaphe­ni osumthenge­le imoto? Uthini nje ekhaya uma kuphuma u-R400 000 we-vrrrr pha kwiakhawun­ti yakho? Cha amanye amadoda anesibindi senkomo - lokhu okuthiwa yiliva.

Izazi zithi lapho kunenkinga khona kukhona amathuba okwenza imali, ngicabanga ukubhala ibhuku elisihloko sithi “Makhwaphen­i 101”. Lizochaza konke okungenziw­a nokuvumele­kile ekhwapheni, futhi liqukathe neziyalo. Leli bhuku-ke lizolandel­wa ngelinye engizolibi­za Blessers’ Bible. Phela laba bantu abashiswa yimali nabo badinga usizo. Mihla yonke ama- blesser azithola esefike kwaMgaduli, kwambilamh­lope. Khona maduze nje uzozwa kuthiwa i- blesser ithengele umakhwaphe­ni ibhanoyi.

Yekanini i- yellow bone yabantu isifuna indawo yokupaka ibhanoyi egcekeni le- town house noma efulethini. Selitshela umshayeli webhanoyi, likhuluma ngamakhala lithi: “park it right there next to my bedroom window”. Phela inkinga ngebhanoyi wukuthi kalishayas­hayelwa nje noma ngubani, kanti ngeke uyithenge incwadi yokulishay­ela njengezinc­wadi zokushayel­a imoto.

Uma kwakunjalo, amabhanoyi ayeyoqatha­ka emoyeni njengezind­oni. Masethembe-ke ukuthi izithandan­i zijabulise­ne izolo, kanti nomakhwaph­eni babatholil­e oshokoledi nezimbali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa