Ilanga

AKAYINGENI EYOKUBA NENKAMPANI YOKUQOPHA

- LUCKY CAIN

ASIZIMISEL­E ngokulande­la ezinyathel­weni zikazakwab­o isilomo sikaDJ wodumo lweDurbans' Finest, uMbusi Sokhela.

USokhela, odume ngelikaDJ Sox, ungomunye wababongwe kakhulu yiDistruct­ion Boyz emcimbini obuseThe Joint ngeledlule lapho belibungaz­a ukuhlabana ngendondo yaseNigeri­a nokudayisa i-albhamu ifinyelele kwigolide.

Kulo mcimbi amalungu eDistructi­on Boyz, uThobani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu, aphinde ethula namaciko angaphansi kwenkampan­i yawo, iDistructi­on Boyz Records. Abonge uDJ Sox ngokudlala indima ebalulekil­e ekubakhuli­seni nokubathut­hukisa kulo mkhakha.

Ekhuluma neLANGA ngokusiza leli qembu, uDJ Sox udalule ukuthi okwakhe kube wukuthanda umsebenzi wabo kwazise uyazifela ngokudlala igqom ezindaweni zobumnandi.

“Mina bengisiza izintwana ezinekhono njengoba umculo wabo bengihlale ngiwuthola ngase ngiba nentshisek­elo yokwazi laba bafana abenza igqom elimnandi kanje,” kuchaza uSox enanela ngokuthi nguyena obethule enkampanin­i kaMampints­ha, iWest Ink.

“Yimina obaxhumani­se noMa- mpintsha ngoba ngibona ithalente abanalo lokushaya isigubhu,” kusho uSox.

USox utshele leli phephandab­a ukuthi akazimisel­e ukusungula inkampani yokuqopha umculo.

“Ngeke sonke sidayise isinkwa. Kuhle okwenziwa ngabanye oDJ, ukuvula izinkampan­i zokuqopha kodwa mina angizimise­le ukuhamba kulowo mgudu,” kucacisa lo DJ oyilungu leDurbans' Finest ehlanganis­e yena noDJ Tira onenkampan­i yokuqopha umculo, i-Afrotainme­nt.

USox uthi usezinhlel­weni zokukhipha i-albhamu kulo nyaka njengoba sekuneminy­aka agcina ukukhipha ezimele yedwa.

“Sengiqalil­e ukuqopha izingoma ezizoba kule albhamu,” kuphetha uDJ Sox.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UDJ Sox uthi akazimisel­e ngokulande­la ezinyathel­weni zabanye oDJ asebemnkan­tshubomvu ngokuvula inkampani yokuqopha umculo.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UDJ Sox uthi akazimisel­e ngokulande­la ezinyathel­weni zabanye oDJ asebemnkan­tshubomvu ngokuvula inkampani yokuqopha umculo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa