Ilanga

UZOFIHLWA KWASANTI U-ANGEL

- SANDILE MAKHOBA

KUBIKWA ukuthi bavela nxa zonke abafuna ukufaka isandla emalungise­lelweni omngcwabo wentokazi ebiwumdans­i, eshone ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa wukugula okungaqond­akali.

Umnewabo omdala ka-Angel, uXolani Zulu, uthi kufike abaholi be-African National Congress (ANC) egatsheni lakwaSanti ngemuva kokuthola izindaba zokudlula emhlabeni kuka-Angel.

Uthi laba baholi bafike baveza ukuthi u-Angel ubeyilungu elikhuthel­e enhlanganw­eni ngakhoke bacela umcimbi wokufihlwa kwakhe bawenzele ezinkundle­ni zemidlalo KwaSanti.

“Bacele ukwenza umngcwabo omkhulu, ozokwazi ukuhanjelw­a ngamalunga omphakathi wonke ngoba u-Angel ubesebenze­la umphakathi,” kusho uXolani.

Uthi konke lokhu bazokwenza ngokuhlang­anyela nabeMTV Base, abakuqinis­ekisile kwi

LANGA LangeSonto ngeledlule ukuthi kukhona abalekelel­a ngakho umndeni.

Imicimbi yokukhumbu­la u-Angel iqale izolo khona KwaSanti, ehholo lomphakath­i, lapho bekunenkon­zo yesikhumbu­zo. Namhlanje kuzobe kunenye eThe Warehouse, enkabeni yeTheku, lapho kuzobe kuhlangene bonke abedansa nabo.

Inkonzo yomngcwabo izoba sesontweni lamaRoma KwaSanti bese kuyiwa ezinkundle­ni zemidlalo lapho kuzoqhubek­a khona uhlelo ngaphambi kokuba kudlulelwe emathuneni akuyo le ndawo.

UNobhala we-ANC Youth League (ANCYL) esifundeni iTheku, uMnu Thinta Cibane, ukuqinisek­isile ukuthi bayazi ngomngcwab­o ka-Angel futhi zikhona izinhlelo abaphezu kwazo.

“Abaholi baKwaSanti basibikeli­le ngalolu daba, sabayalela ukuba basebenzis­ane nekhansela lendawo, uMnu Shiphe Buthelezi,” kuchaza uMnu Cibane.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-ANGEL Zulu obengumdan­si, oshone ngeledlule ngemuva kokuxinwa wukugula okungaqond­akali.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-ANGEL Zulu obengumdan­si, oshone ngeledlule ngemuva kokuxinwa wukugula okungaqond­akali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa