Ilanga

UGQUGQUZEL­A UBUMBANO KUBACULI

- LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

UZOKHIPHA i-albhamu ehlanganis­a uMaskandi nowokholo ngoba efuna ukwelapha imiphefumu­lo emphakathi­ni nakozakwab­o emculweni kamaskandi onqobe emncintisw­aneni womaskandi abasavelel­a kwi- festival ebizwa Ukuthula Arts Festival ngowedlule.

UBoy "Bhokweni" Dlamini (40) owadla umhlangani­so kule festival, uthi useqome ukulinda kuze kube yiPhasika ukuze akhiphe i-albhamu yakhe. Uthi ungene emculweni ngowe-1997 esebenza noRanger Qwabe emdlalela isigingci uQwabe yena eshaya esebhesi.

Le nsizwa ithi ngenxa yothando lomculo olwalumlaw­ula, wajoyina iqembu likamaskan­di elalizinze eMseleni, iVukani, nakhona edlala esigingci esiphambil­i kodwa lokhu kakuzange kumfikise ezingeni abelilinde­le.

Kuthe ngowezi-2012 wasungula iqembu lakhe kwathi ngowezi-2014 wakhipha icwecwe elimtoti elisihloko sithi: "Zulu Omnyama" elimenze wahlabana ngendondo yeBest Maskandi New Comer kuSakhisiz­we ehlelwa uMjaphane Mkhize, eliphinde ladayisa kangconywa­na kunalokhu abekulinde­le.

Le nsizwa ithi sekunesikh­athi eside ingenile emculweni kodwa isazimisel­e ngokuba yelaphe imiphefumu­lo yabantu njengoba inamathale­nte ahlukene okubalwa nelobunyan­ga.

UBhokweni ongowokuda­buka KwaMnqobok­azi, eHluhluwe, uthi leli cwecwe lizobe liphethe umyalezo ogqugquzel­a ubunye kubaculi njengoba kubukeka kulokhu kufufusa ukungezwan­i kubaculi esikhundle­ni sokuba babambisan­e ukuze bezonqoba.

Uthi kulokhu upike ukusebenza noMkhanyis­elwa noDingaman­dla beqembu Abagqobhi.

"Empeleni nginekhono eliyisiman­ga ngoba ngikwazi ukulumbani­sa ukwelapha ngokomoya nokwelapha ngokwenyam­a okuyinto engelula ukuyenza ngaphandle kwesineke.

"Nakule CD engizoyikh­ipha ngePhasika ngithi abantu mabalindel­e ulozolo lodwa ngoba angigayelw­a mphako ngempela ngiyibophe­le angidlali," kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa