Ilanga

IBUYA NOKWEHLUKI­LE I-MAGIC TOUR

- SANDILE MAKHOBA

KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wokugqugqu­zela abafundi ukuba baziphathe kahle obizwa ngeMagic Tour.

Lo mcimbi uke wanyamalal­a iminyaka elinganise­lwa kwemibili ngemuva kokuba umhleli nomsunguli wawo, uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya, exoshiwe emsakazwen­i uKhozi FM.

Wenzeke unyaka owodwa esehambile oKhozini esesebenza kwiVuma FM ngemuva kwalokho wangabe usaba khona ngenxa yokugqoza kwabaxhasi.

Ekhuluma neLANGA LeTheku uthi konke sekumi ngomumo futhi uthembisa nokuba sezingeni eliphezulu komcimbi.

Yize engabadalu­langa abaxhasi bakhe, kodwa uthe sebekhona abazofaka isandla kulo mcimbi.

Uthi okwehlukil­e ababuya nakho kulo nyaka wukuthi kuzoba khona uhlelo lokuzivoca voca nezemidlal­o.

“Kuyimanje sisematasa ngezinhlel­o zokuthola uSbahle Mpisane oyi- fitness instructor ukuze ezosiza abafundi ukuzivocav­oca kodwa konke okunye sekumi ngomumo,” kuchaza uMr Magic.

Mhla zimbili kuNdasa (March) kuzoba khona umcimbi wokuwethul­a eHilton Hotel, eThekwini.

IMagic Tour izoqala eDurban University of Technology (DUT) mhlaka-9 kuNdasa kanti eMangosuth­u University of Technology (MUT) izoba mhlaka-16 ngenyanga ezayo.

ULinda uthi kabakabi nezinsuku ezibekiwe zokuvakash­ela ezinye izikhungo kodwa basezingxo­xweni. Abaculi abazonandi­sa uThina Zungu, uJnr De Rocker, uDumi Mkokstad, Abathandwa, uBetusile, uThokozani Langa, uDJ Boonu, uDJ Masiya, noKhu

zani Mpungose.

 ?? ISITHOMBE :SITHUNYELW­E ?? UJUNIOR De Rocker ozobe enandisa emcimbini iMagic Tour.
ISITHOMBE :SITHUNYELW­E UJUNIOR De Rocker ozobe enandisa emcimbini iMagic Tour.
 ?? ISITHOMBE NGABE: K DANIELLES MEDIA ?? USKHUMBA ungomunye wosomahlay­a abazohleki­sa abantu baze baqhephuke emcimbini wamahlaya ozobe useThekwin­i.
ISITHOMBE NGABE: K DANIELLES MEDIA USKHUMBA ungomunye wosomahlay­a abazohleki­sa abantu baze baqhephuke emcimbini wamahlaya ozobe useThekwin­i.
 ?? ISITHOMBE:SITHUNYELW­E ?? USAMKELO Shinga noSamantha Jali abaphumele­la ngonyaka owedlule baba ngamanxusa eDurban Fashion Fair.
ISITHOMBE:SITHUNYELW­E USAMKELO Shinga noSamantha Jali abaphumele­la ngonyaka owedlule baba ngamanxusa eDurban Fashion Fair.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa