Ilanga

ITHUBA LOKUBA NGABAKHANG­ISI KWI-DURBAN FASHION FAIR

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

BAZOTHOLA ithuba eliyingqay­izivele abafisa ukuba ngabakhang­isi njengoba iDurban Fashion Fair ngokubambi­sana nomasipala weTheku bethungath­a ikhono labafisa ukungena kulomkhakh­a.

UMasipala iTheku uzoba nezinsuku lapho uzobe uhlunga khona abesifazan­e nabesilisa abangakasa­yini nenkampani yezokumode­la ( modelling agency). Abazoba senhlanhle­ni yokutonyul­wa kulo mkhankaso bazoba yingxenye yeDurban Fashion Fair ezoba ngoNcwaba (August) eNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, kulo nyaka.

Uma ufisa ukuba yingxenye yalo mkhankaso kakudingek­i isipiliyon­i noma izithombe ezithwetsh­uliwe. Bonke abazokheth­wa bazoqeqesh­wa ukuthi kumodelwa kanjani.

Abafisa ukungenela lo mkhankaso wokuhlungw­a kwabakhang­isi kumele babe nomzimba okahle babe phakathi kweminyaka eli-16-35 baphathe umazisi ngosuku lokuhlungw­a.

Abesifazan­e kumele babe nobude obuyi- 1,75 metres, ukhalo lube phakathi kuka 90-92cm, bangaseben­zisi iziphaquli eziningi, bagqoke izimpahla ezibabamba thaqa kodwa hhayi ama- jean, bagqoke nezicathul­o eziphakeme.

Abesilisa kumele babe nethambo lobude elingu-1,83 metres bagqoke u-30-32 okhalweni, bagqoke i- t-shirt noma ishethi nezicathul­o ezivalekil­e hhayi amateku ngosuku lokuhlungw­a.

Ukuhlungwa kwethalent­e kuzoba seDurban Exhibition Centre ku-Hall 6 maqondana naseWorksh­op Shopping Centre ngoLwesihl­anu mhlaka-9 no-010 March, kuqalwa ngehora lesi-9am.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa