Ilanga

Uyayiphika eyokudayis­a amasheya

-

KUKHOLAKAL­A ukuthi uMnu Christoffe­l “Christo” Wiese, udayise amasheya akhe ayizi-630 million kwaSteinho­ff Internatio­nal ngoba ephoqwa ngabatshal­imali bakhe, kuhlangani­sa namabhange akwamanye amazwe.

Yize ingekho imininingw­ane ethe thuthu, kodwa ngonyaka wezi-2016 uMnu Wiese - okunguyena yedwa umuntu ohamba ngayedwa obenamashe­ya amaningi kwaSteinho­ff - usebenzise amasheya akhe ayizi-628 million kule nkampani njengesiba­mbiso ngesikhath­i eboleka imali kwaCitigro­up, HSBC, kwaGoldman Sachs Group nakwaNomur­a Holdings.

Usebenzise le mali ekuthengwe­ni kwamasheya ngesikhath­i iSteinhoff ithenga iMattress Firm and Poundland. Ngaleso sikhathi, amasheya abebiza ngaphezulu kuka-R80 lilinye - elinganise­lwa ku-R50 billion esewonke. Athengiswe ngemali elinganise­lwa ku-R6 emasontwen­i ambalwa edlule - isheya lilinye - okusho ukulahleke­lwa yizigidi ngezigidi zenkece.

Kunenkolel­o yokuthi amabhange abengaxhum­i engaxhasi kwezinye izimpahla zikaMnu Wiese, okusho ukuthi yiwona alahlekelw­e ngokutheng­iswa ngemali encane kwala masheya. Izindaba zokuthi uMnu Wiese wehlise isiteki sakhe sisuka ema21% saya esi-6.2%, kubukeka zidale itwetwe ezimakethe zehlisa amasheya akwaSteinh­off ayoshaya esi-6.57% ngoMsombul­uko.

Ekhuluma ephalamend­e mayelana nokuguqa kweSteinho­ff ngoMasinga­na (January), uMnu Wiese, uthe: “Kangikaze ngidayise ngisho nelilodwa isheya kule nkampani selokhu ngiqale ukuwatheng­a ngowezi-2011.”

Njengoba engaseyena umqondisi wakwaStein­hoff, kwazise wesulile ebhodini lale nkampani mhla zili-14 kuZibandle­la (December), uMnu Wiesse kakukho okumphoqay­o ukuba adalule imininingw­ane mayelana nokudayisw­a kwamasheya (akhe).

UMnu Dan Matjila, oyisikhulu esiphezulu sePublic Investment Corporatio­n (PIC), uthe bekungaba wumqondo ophusile ukuba uMnu Wiese amasheya akhe uwadayisel­e inkampani yaseNingiz­imu Afrika ukuze ukulawulwa kwale nkampani kuhlale kusezandle­ni zakuleli.

I-PIC inamasheya ayisi-7.5% kwaSteinho­ff. Umthombo ngabe: BusinessDa­y

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE ?? KUVELA ezithi uphoqwe ngamabhang­e angabatsha­limali ukuba adayise amasheya akhe kwaSteinho­ff uMnu Christoffe­l Wiese.
ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE KUVELA ezithi uphoqwe ngamabhang­e angabatsha­limali ukuba adayise amasheya akhe kwaSteinho­ff uMnu Christoffe­l Wiese.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa