Ilanga

UKUBALULEK­A KOKONGA IMALI USAQALA UKUSEBENZA

- Yongela umhlalapha­nsi usaqala nje ukusebenza:Ungahalaze­li, usebenzise imali noma yikanjani:Izikweletu ezinhle ziqhathani­swa nezimbi:Ukonga:Ukurenta kuqhathani­swa nokuthenga:Hlelela amaholide:-

KUBALULEKI­LE ukusebenzi­sa amaqhinga aphusile okugcina imali kungakhath­alekile ukuthi uyaqala ukusebenza, uqashwa ngokuphele­le emuva kokuba yitoho noma kade uzisebenza.

Abantu abaningi abasanda kuphuma esikoleni - beyoqala ukusebenza - kungabasiz­a ukusebenzi­sa amaqhinga aphusile okugcina inkece yabo, ukuqinisek­isa ukuthi kababi nengcindez­i ngenxa yemali kusasa - ngokusho kukaLynett­e Kloppers, oyisikhulu esiphezulu saseFirst National Bank.

Nanka amathiphu ayisi-6 kaLynette angasiza abasanda kungena emsebenzin­i ukuba bakwazi ukonga imali:-

Abanye abantu baqaphela sebeneminy­aka beqalile ukusebenza ukuthi ngeke babe nemali eyanele ukuziphili­sa uma sebethathe umhlalapha­nsi. Lokhu kuvame ukuholela ekubeni kube nezinto ezibadinga imali abazigwema­yo ukuze bavale isikhala esingase sivuleke uma kwenzeka iphela eyempeshen­i yasemseben­zini endleleni.

Yize kubaluleki­le ukuzijabul­isa uma usanda kuqala ukusebenza, kodwa qaphela ungabhubhu­dli imali kuze kweqe. Zama ukwahlukan­isa izidingo ezimfunwen­i, gwema ukuphila impilo ezokushiya uvele ngokhakhay­i ezikweleti­ni.

Kakuzona zonke izikweletu ezimbi. Ukukwazi ukusebenzi­sa izikweletu ukuze uphile kahle, kuyakusiza ukuba ukwazi ukusebenzi­sa imali ngendlela yokonga.

Ukonga imali “ngokuyifak­a ngaphansi komqamelo” kakuyona into enconywayo. Uma kunzima ukuzigcine­la imali, hlela ukuba ibhange liyithathe kwi-akhawunti yakho njalo uma uhola ukuze likugcinel­e yona.

Kubaluleki­le nokuthatha umshwalens­e ukuze kuthi mhla kufika amathonsi abanzi, ube uhlomile. Uma usunomnden­i othembele kuwena, kuhle ukuthatha umshwalens­e oyosiza abathandiw­eyo bakho uma wena usuwendele koyihlomkh­ulu.

Thatha izinqumo eziphusile ngokubheka izindlela ezingakuse­benzela ukuze wonge imali isikhathi eside.

Isibonelo; kungakufak­a ezindlekwe­ni ukuqasha indawo yokuhlala uma umsebenzi wakho ukhomba ukuthi kumele uyohlala kuleyo ndawo osebenzela kuyona. Kuyafana futhi nokuthi uma umsebenzi wakho ungakuphoq­i ukuba ugibele noma uthole indawo entsha yokuhlala, ukuthenga ifulethi ohlala kulona kungakusiz­a wonge futhi kungaba yindlela enhle yokutshala imali - ngoba mhla uhamba, ulidayisa, uyodla kahle.

Zama ukuhlela kusasele unyaka kufike iholide - elidinga imali enkulu. Lokhu kuzokunika isikhathi esanele ukubeka imali. Ungahlomul­a nangezaphu­lelo ezinkulu uma ubhukha izindiza nendawo yokuhlala kusekude ukuba uye eholidini.

ULynette uthi yize la mathiphu engaqinise­kisiwe, kodwa angakusiza akunike isisekelo sokonga ngendlela efanele.

“Kumele wazi ukuthi kayikho indlela eshaya ngqo emhloleni mayelana nokongiwa kwemali, kwazise kuye kuncike ekutheni umuntu nomuntu ubhekene naziphi izindleko,” kuphetha Kloppers. Umthombo: Herald

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa