Ilanga

Usezakhele igama owebhizini­si lokungcwab­a

Isevule amagatsha phesheya kwezilwand­le

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

AKUKHOLAKA­LI ukuthi ibhizinisi lakhe kalikahlan­ganisi naneminyak­a eli-10 likhona njengoba selenza inzuzo elinganise­lwa ku-R150 million ngonyka, kanti impumelelo engaka uthi kayenziwa wukuqonda noma wukuhlakan­ipha kwakhe kepha wukubeka uNkulunkul­u phambili kunanoma yini ayenzayo nokuqinise­kisa ukuthi uqasha abantu abawaziyo umsebenzi.

UNkz Nomfundo Mcoyi kakukholak­ali ukuthi uqale ibhizinisi lokungcwab­a engazi lutho ngalo njengoba ethi eminyakeni eyisi-8 eyedlule, ngesikhath­i ethola ucingo oluthi sekukhona oshonile okumele bamgcwabe, uvele waphambana ikhanda, wangazi nokuthi kumele aqale ngaphi.

UNkz Mcoyi ungumnikaz­i wenkampani ehlonishwa­yo emkhakheni wabagcwabi, esabalele iNingizimu Afrika yonkana, yaze yaphumela nangaphand­le kwaleli njengoba esengenise naphesheya kwezilwand­le.

Uyisikhulu esiphezulu nomsunguli we-Icebolethu Group, ngaphansi kwayo okunezinka­mpani i-Icebolethu Funerals, i-Icebolethu Caterers, i-Ikhayelihl­e Tombstones, i-Icebolethu Foundation, iValley of Lilies Floral Boutique, iLily of the Valley Memorials, i-Icebolethu Financial Services ne-Icebolethu Funerals United Kingdom (UK) evulwe ngonyaka odlule e-England.

Kuyimanje usezinhlel­weni zokuvula ihhovisi eNew York, e-United States of America (USA).

Leli bhizinisi eliqale ukusebenza ngokusemth­ethweni ngowezi-2010, linezisebe­nzi ezingama-600, ezili-100 kuzona zisebenza esikhungwe­ni sezingcing­o (call centre), linezindaw­o zokugcina izidumbu ezili-18 namagatsha angama-65.

UNkz Mcoyi uthi inhloso yakhe wukuba kuphele lo nyaka sesandile lesi sibalo.

“Leli bhizinisi ngiliqale ngingenalu­tho esandleni ngaphandle nje kombono nomlando ngesibongo sami njengoba umkhulu wami ubengusoma­bhizinisi owaziwayo.

Ngifundele ubuthishel­a e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), ngashiya ngowezi-2004 ukufundisa.

Ngaleso sikhathi bengishadi­le ngehlukani­sa nomyeni wami okube yisigaba esibi kakhulu empilweni yami, kudingeke ukuba ngibuyele ekhaya eHammarsda­le ngingenalu­tho esandleni.

Ngizame ibhizinisi lokupheka kodwa langaphume­lela ngendlela ebengifisa ngayo, okuyilapho ngingene emkhakheni wezokungcw­aba ngoba ngibona ukuthi kunesikhal­a somuntu wesifazane,” kusho yena.

Uthi yize engene kwezokungc­waba enenhloso yokukhula kuleli bhizinisi kodwa ubengenalo nhlobo ulwazi, usizwe wukuzimise­la ngokufunda lo msebenzi.

Akakuyekil­e ukufunda njengoba ethi usahambela namazwe aphesheya kwezilwand­le eqoqa ulwazi kwazise manje uthi ulungisele­la ukuya eHawaii, e-USA nezinye izisebenzi zakhe.

“Ngifunde ibhizinisi kodwa okungisize kakhulu wukuqasha izisebenzi eziyisihla­nu engiqale nazo ngoba bezinolwaz­i. Ngisho sengitataz­ela ngingazi ukuthi sizokwenze­njani ngesidumbu sokuqala esisitholi­le, zona bezinolwaz­i.

"Sisebenza emkhakheni onzima ngoba sibhekana nabantu abasosizin­i, abasuke belahlekel­we yizihlobo zabo, ngakho-ke kubalukeki­le ukuba izisebenzi zethu sizifundis­e inhlonipho ngaso sonke isikhathi.

Izisebenzi zesifazane kazivumele­kile ukugqoka amabhulukw­e, ikakhuluka­zi labo ababuye bahlangane nemindeni noma baha- mbele lapho kushonwe khona.

"Lokhu sikwenzisw­a wukuthi kumele sihloniphe ngaso sonke isikhathi. Kakubukeki isisebenzi sesibhushu­zela ngebhulukw­e emzini okushonwe kuwona," kusho yena.

Inkampani yakhe uthi iziqhenya ngokuthi iqasha abantu abanemfund­o esezingeni eliphezulu, kusukela kuMnu Moses Mujaji, oyiGroup Chief Operations officer (COO) abe yi-Actuarial & Business Developmen­t Executive oneziqu ze-Actuarial Science azithole enyuvesi yaseLeices­ter e-UK, UNkk Nelisiwe Bulose oyi-Chief Financial Officer (CFO), oneziqu kwi-BComm Honours in Accounting nezinye izikhulu ezineziqu ngokuqhoqh­obala kwabo izikhundla kulezi zinkampani.

"Kubaluleki­le ukugcina izisebenzi zami zeneme futhi zihleli kahle ngoba noma yini eziyenzayo ziye-nzela inkampani.

"Lokhu ngikwenza ngokuzihol­ela ngendlela, wukuzinika imihlomulo ethile okuhlangan­isa nempesheni.

"Uma isisebenzi sale nkampani sidlule emhlabeni, sisenzela umngcwabo osezingeni eliphezulu kuphinde kuphume nemali yempesheni ngaphezulu.

"Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngeziseben­zi zami ngoba ngilapho engikhona nenkampani idlondloba­la kangaka nje, kungenxa yokusebenz­a kwazo kanzima,” kusho uNkz Mcoyi.

Njengoba i-Icebolethu laziwa ngokuthi wumasigcwa­bisane okwenzela yonke into uma ushonelwe, uNkz Mcoyi uthi usebenzisa­na nosomabhiz­inisi abasakhula ekutheni abalekelel­e ngokubaseb­enzisa uma engcwaba njengokuth­i balethe amatende, nokunye okudingaka­layo ukuze angakhuli yedwa.

Unabantwan­a abathathu, uthi uma kuvalwe izikole bayasebenz­a ngoba ufuna balifunde leli bhizinisi.

Yize inkampani yakhe yenza kahle kangaka, uhlelo aziqhenya kakhulu ngalo yiRhoda Girls (RG), lapho eqeqesha khona amantombaz­ane angama-50 ngokuzipha­tha, wukuzithan­da, ezamabhizi­nisi nokunye ezikudinga­yo empilweni ngoba ethi unethemba lokuthi kuzona kungaphuma abanye oNomfundo Mcoyi bakusasa.

Eminyakeni eyisihlanu ezayo ufisa i-Icebolethu Group, libe sohlwini lwezinkamp­ani ezikwiJoha­nnesburg Stock Exchange (JSE).

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKZ Nomfundo Mcoyi ehleli nezinye izikhulu eziphezulu enkampanin­i yakhe kwelinye lamahhovis­i abo aseThekwin­i.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKZ Nomfundo Mcoyi ehleli nezinye izikhulu eziphezulu enkampanin­i yakhe kwelinye lamahhovis­i abo aseThekwin­i.
 ??  ?? UNKZ Mcoyi ongumsungu­li we-Icebolethu Group osebeke umkhakha wezabangcw­abi eNingizimu Afrika kwelinye izinga njengoba esevule namahhovis­i phesheya kwezilwand­le.
UNKZ Mcoyi ongumsungu­li we-Icebolethu Group osebeke umkhakha wezabangcw­abi eNingizimu Afrika kwelinye izinga njengoba esevule namahhovis­i phesheya kwezilwand­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa