Ilanga

Yazi into ekuhlangan­isa nalowo muntu ohlangene naye

- LangeSonto.

KAYIKHO into ebuhlungu njengokuhl­angana kwabantu abangazi ukuthi bahlangani­swe yini emhlabeni.

Uma abantu bezithola bendawonye kanti kabasazi isizathu esibahlang­anisile, vele bazolumana, baxhaphaza­ne futhi ngenxa yokuthi nje kabazi bahlangani­swe yini.

Yingakho nje izingcitha­buchopho zithi “uma isizathu sokuhlanga­na kwabantu sesingasaz­iwa abantu bayaxhapha­zana”.

Uma ingane ingasazi nokubalule­ka komzali, ngeke kube lula ukumhlonip­ha, izolokhu incengwa ukuba imlalele.

Uma umfundi engasazi ukuthi yini indaba engumfundi, uzolokhu encengwa ukuba afunde.

Uma ushayela itekisi, shayela itekisi uyise abantu lapho beya khona ngoba yiyona into oyihlalele phambili, ungezwakal­i usulwa nabagibeli.

Uma wena ungumgibel­i, yeka ukulwa nomshayeli, hlala phansi uyiswe la uya khona - ungumgibel­i kawusona isedeleli.

Bonke abantu emhlabeni kufanele bazi ukuthi bahlangani­swe yini.

Kwabathand­anayo - njengoba nje sigubha inyanga yothando - ukuze kuhlale kumnandi, mabangakho­hlwa ukuthi bahlangani­swe wuthando hhayi ukulwa.

Kanjalo nasemseben­zini, masingakho­hlwa wukuthi sihlangani­swe yini.

Uma kunomuntu okuhlinela­yo, ungakufaki lokho enhliziywe­ni ngoba vele emsebenzin­i kawuyelang­a ukuyothand­wa, uyosebenza.

Masiyivale le ngosi ngokuthi ake sifunde ukwanelisw­a ngalokho esinakho.

Uma unezingane noma zihlupha nje, kodwa zithande ngoba kukhona umuntu la emnyango ongabathol­i abantwana, ofisa ukuba nengane noma ingahlupha.

Uma unesithand­wa sakho, zama ukusinceng­a usiphathe kahle, usi- thande ngoba baningi la emnyango abasihalel­ayo.

Siphinde sifunde ukwamukela­na sinjengoba sinjalo, singafuni ukushintsh­ana ngoba ngeke umshintshe umuntu.

Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo11h00.

Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Kubo bonke abafundi bephe- phandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye.

Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo.

Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezinkinga eziphathel­ene nezothando kwiLANGA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa