Kufezeke iphupho leminyaka lowoSuthu
Ufuna ukulubona ludlisela ogageni iChiefs neBucs
KUFEZEKE iphupho leminyaka kuCavin Johnson ongumqeqeshi wamaZulu FC eqashwa kule kilabhu azimisele ngokuyihola inqobe izinkomishi ukubuyisa isithunzi sayo.
USuthu lugcine ukuqukula inkomishi ngowe-1992 lunqoba iCoca Cola Cup ngokuguqisa iKaizer Chiefs kowamanqamu. Belucijwa nguClive “The Dog” Barker ngaleso sikhathi.
UJohnson utshele ILANGA ukuthi kudala akomela ukucija le kilabhu ethathwa njengenkulukazi kwawaKwaZulu-Natal.
Lo mqeqeshi ubekhuluma ngaphambi komdlalo omqoka womkhaya wale kilabhu eholwa nguDkt Patrick Sokhela onguSihlalo.
USuthu luzogadulisana neMaritzburg United kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesihlanu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba ungowomkhaya. Kuyaziwa ukuthi uma kubhekene la makilabhu kawagcini ngokushukana ensimini nje kuphela, kodwa kuklolodelana nabalandeli bawo.
La makilabhu ngesikhathi ehlangene emzuliswaneni wokuqala kayikho evume ukugoba uphondo njengoba egcine ebambene ngo-1-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
UJohnson ekhuluma naleli phephandaba izolo ngoLwesithathu ekuseni, uvele wadalula izifiso zakhe ngoSuthu.
“Kuwona wonke amakilabhu engisebenze kuwona cishe kayikho engiyithanda ukwedlula AmaZulu FC. Ngisho bengisebenza lapho bengiqashwe khona bengikuhalela ukuzoyibamba kule kilabhu ngenxa yomlando wayo.
"Kunento abantu abaningi abangayinaki ngoSuthu, kahle kahle lusezingeni leChiefs ne-Orlando Pirates ngokuba nomlando ononophele.
“Nokho lo mlando omuhle usuphenduke waba mubi ngenxa yokungenzi kahle kwalo. Sekuvele kwaba sengathi yikilabhu encane ngenxa yokuhlale igencwa yizembe.
"Ngaphambi kokuba ngize lapha ngilwenzile ucwaningo, sengiyakwazi konke obekwenza le kilabhu idonse kanzima. Ngiphezu kwakho, ngizokulungisa.
“Kuyisifiso sami ukuthi ibuyelwe yisithunzi sakudala ebeyaziwa ngaso. Ngaphandle kwalokho, imele isizwe samaZulu esinomlando omuhle ngakho-ke kufanele kuliwe ukuze uvikelwe lo mlando,” kusho uJohnson obezwakala ngisho ekhuluma ukuthi uyizwa ngaphakathi le nto ayishoyo.
Uthi umdlalo weMaritzburg bafuna ukuwenza isitebhisi sokusonga le sizini bekwi- top 8.
“IMaritzburg isiphendule iHarry Gwala kwaba yisihogo okungaphumi lutho kuso. Impela iyashisa uma idlalela enkundleni yayo, kayidedeli muntu.
"Nokho thina sizonqoba, lokho kangikungabazi. Ngendlela imimoya ephezulu ngayo ekhempini yethu kanginalo uvalo ngayo. Sesikwenze konke, sesilinde ukungena ensimini sithathe amaphuzu,” kusho uJohnson ngokuzethemba.
UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi weTeam of Choice, uthi ngeke bawathathe kancane AmaZulu.
“Ithimba lami labaqeqeshi ngilitshelile ngobungozi boSuthu ngakho-ke kufanele liqaphele. Luvukile emaqandeni manje seluhlangene.
"Silindele umdlalo oseqophelweni eliphezulu kulona. Ngeke nangengozi sizigwazele ibhece,” kusho uKadodia. Uthi bazokuya kulo mdlalo sekubuye abadlali babo abane abebedonsa isigwebo zamakhadi aphuzi okunguDeolin Mekoa, uSiphesihle Ndlovu, uBevan Fransman noBandile Shandu.