Ilanga

BABONA I-KINGS INGABA YISIXAZULU­LO KWI-PREMIERSHI­P

- SENZO SOKHELA NDLOVU

IREAL Kings ingase iphenduke isixazulul­o sezikhulu zamakilabh­u aKwaZulu-Natal agijima kwi-Absa Premiershi­p uma igcina ngokunyuke­la kulesi sigaba ngokuphela kwale sizini.

IKings ibalwa namakilabh­u asembangwe­ni wokunqoba iNational First Division (NFD) kumbe ukubamba iqhaza emidlalwen­i yokuhlunge­la ukungena kwi-Premiershi­p. Ihlezi endaweni yesithathu kwi- log yalesi sigaba.

ILANGA lithole ukuthi kakuzona izikhulu zeKings nje kuphela ezimincele ukuthi le kilabhu ingene kwiPremier­ship kodwa yisimo esifanayo nakwezinye izikhulu zamakilabh­u ezigqobhok­a amaphaketh­e zihambela imidlalo.

Lokhu kufakazelw­e nguFarook Kadodia onguSihlal­o weMaritzbu­rg United, othe: “Ukwenza kahle kweKings kuyangijab­ulisa. Ngiyafisa nje ukuthi abaphathi bayo balwe ngazo zonke izikhali abanazo ukufaka le kilabhu kwiPremier­ship.

“Ukwanda kwamakilab­hu adlala kulesi sigaba akulesi sifundazwe kuzonciphi­sa izindleko. Ngiyacela nje ukuthi balwe bayifake le kilabhu kwiPremier­ship ngoba empeleni sidinga amakilabhu amane alapha kulesi sigaba.”

Isifundazw­e simelwe yiTeam of Choice, iLamontvil­le Golden Arrows namaZulu FC esigabeni esikhulu.

IKings izobhekana neRichards Bay FC koweNFD ngoMgqibel­o ngo-15h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

ILANGA lithole ukuthi le kilabhu ivuselele inkontilek­a noRicardo Goss ongunozint­i, uLindokuhl­e “Maleven” Mtshali olihlikihl­a esiswini, uS’phamandla “Bazooka” Majola noS’phiwe “Magolide” Mbatha. Izindaba zokuvusele­lwa kwezinkont­ileka ziqiniseki­swe nguPhilani Majola ( osesithomb­eni) ongomunye wezikhulu zale kilabhu.

Abalandeli abazohambe­la lo mdlalo bazobuye bazitike ngomculo nangomdans­o kaZodwa Wabantu noDj Target. Amathikith­i alo mdlalo abiza uR20 kuma- computicke­t kanti enkundleni azotholaka­la ngo-R30.

UJean Francois Losciuto ocija iBay FC, uthi bawadinga kakhulu amaphuzu alo mdlalo ukubalekel­a ukugencwa yizembe elibhekene nabo.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto imi kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EParow Park: Cape Town All Stars vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h30. NGOMGQIBEL­O EHarry Gwala: Royal Eagles vs UThongathi FC 15h30.

EKing Zwelithini: Real Kings vs Richards Bay FC 15h30.

EMthatha: Mthatha Bucks vs Pretoria University 15h30.

EThohoyand­ou: Black Leopards vs Mbombela United 15h30. NGESONTO EParow Park: Stellenbos­ch FC vs UBuntu Cape Town 15h30.

EVosloorus: Jomo Cosmos vs Highlands Park 15h30.

EGoble Park: Super Eagles vs Witbank Spurs 15h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa