Ilanga

OKAMASKAND­I UBOSHWE NESIBHAMU "ESIYILAHLE"

- INTATHELI YELANGA

SIKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a isilomo sikamasika­ndi okuvela ukuthi sibanjwe nesibhamu esingekho emthethwen­i ngoMgqibel­o ntambama ehostela laseBuyafu­thi, eGoli.

Ngokuthola kweLANGA, lo mculi esiligodli­le igama lakhe aze avele enkantolo, ubeneme edlala ngesibhamu nabangani bakhe kwase kuba khona abaluma amaphoyisa indlebe, zabathelek­ela ezakwadala­wane.

Kunezinsol­o zokuthi lesi sibhamu siyathinte­ka emacaleni amaningi abucayi. Umthombo weLANGA uthi bekunesiph­ithiphithi esingaqo-ndakali kuleli hostela, kukhombisa nokuthi laba abahlomile badle amanzi ampon- jwana, bangenza noma yini.

“Isimo sibi lapha ehostela, kuhlale kubulawa abantu, kakusekho ukukhulule­ka. Kakukho okuningi engikwaziy­o kodwa ngibone sekuboshwa abantu naye lo mculi ubekhona kulabo, ephethe isibhamu.

"Amaphoyisa abevele emsola nangelinye icala lokuhlasel­wa kwabantu nyakenye lapha ehoste- la,” kusho umthombo.

Lo mculi kuthiwa uvamile ukuphatha isibhamu. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uKapteni Lungelo Dlamini, uthi amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nabasolwa abebepheth­e izibhamu kuleli hostela.

Uthi amaphoyisa anikele khona afica abesilisa abayisihla­nu evenini eyi-ISUZU eBlock A khona eBuyafuthi, bebeziphet­he izibhamu abathatha baboshwa, bavalelwa esiteshini samaphoyis­a aseKatleho­ng, eGoli. “Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili kwababili ezingekho emthethwen­i,” kusho uKapt uDlamini. Uthi abasolwa bazovela namhlanjen­goMsombulu­ko eNkantolo yeMantshi yasePaarlm­ridge, eGermiston.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa