Ilanga

UShenge ukhala ngabaqola iqembu

Uthi amalungu akhala ngokungabi namali uma ethi makuvusele­lwe ubulungu

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UZWAKALISE ubuhlungu uMengameli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, mayelana nabaholi baleli qembu abathatha amabhuku ekomkhulu lalo bethi bayojoyini­sa amalungu kodwa imali okujoyinwe ngayo ingabe isabuyela eqenjini.

Lokhu ukuveze ngesikhath­i i-IFP inomkhanka­so wokungena umuzi nomuzi KwaMashu, izolo ngeSonto njengoba leli qembu lihlelela ukuya okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Uthi lokhu kusho ukuthi laba baholi bayayikhwa­banisa le mali obekufanel­e ngabe isiza iqembu.

"Kule minyaka edlule iqembu lilahlekel­we yimali elinganise­lwa ku-R3 million kulolu hlobo lokweba. Ake ucabange nje ukuthi yini ebesingaye­nza ngo-R3 million? I-IFP ibingenza okukhulu okhethweni uma ibinawo lo R3 million phezu kwenkece enayo," kusho iNkosi Buthelezi.

Utshele amalungu e-IFP abemlalele ukuthi uma abantu abaqotho behlangene, amazwi abo ayahlangan­a kuthi uma bekhuluma bazwakale kakhulu, kabazibeki kwabakusho­yo ngoba bazwakala izwe lonke.

Lo mholi ohlale ezitusa ngokuthi kalikho iphunga lenkohlaka­lo elimlandel­ayo, uthe njalo uma ekhuluma indaba yokuthi amalungu e-IFP kumele avuselele ubulungu, aye akhale ngokuthi kunzima ukukhipha o-R10 bokukhokhe­la ubulungu.

"Ngiyanince­nga ukuba labo abakwaziyo ukukhokhel­a ubulungu bakwenze lokho, nigqugquze­le abaholi benu ukuba le mali (yobulungu) bayibuyise­le eqenjini. Kakukhona ukuthi abantu kabafuni ukukhokha, imindeni ithwele kanzima, isimo somnotho sibi, intsha yethu eningi kayisebenz­i," kusho yena.

Uthi I-IFP ngeke ixoshe abantu ngoba nakhu kuthiwa kabanayo imali, ikakhuluka­zi uma kuthiwa bavuselela ubulungu.

"Yimali yobulungu esiza ukuba sikwazi ukuhlangan­a kanje, senze izikibha senze amakhophi emigomo yethu," kusho yena.

Utshele abantu baKwaMashu ukuthi kukubona ukwakha ikusasa elingcono, yibona abangashin­tsha indawo yabo.

Uthe uyohlale ekubonga ukwesekwa kweqembu lakhe emahostela.

"Siyazi ukuthi abantu abaningi bahlala emalokishi­ni, noma yiliphi iqembu elingenabo abalandeli emalokishi­ni kalenzi kahle. Ngakho-ke sifuna ukukhulisa i-IFP emalokishi­ni aKwaZulu-Natal, siqinise amagatsha ethu la.

"Sidinga ukwandisa amalungu e-IFP ukuze sizokwazi ukuthola amavoti amaningi uma sekuvotwa ngonyaka ozayo. Sinesikhat­hi esincane sokuba sikhankase njengoba ukhetho seluseMome," kusho iNkosi Buthelezi.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? WAMUKELWE ngenhlokom­o uMengameli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, oxhawulwa nguMnu Blessed Gwala ongusihlal­o waleli qembu, ngesikhath­i evakashele KwaMashu izolo ngeSonto. Leli qembu belinomkha­nkaso wokungena umuzi nomuzi njengoba liqala imikhankas­o...
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU WAMUKELWE ngenhlokom­o uMengameli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, oxhawulwa nguMnu Blessed Gwala ongusihlal­o waleli qembu, ngesikhath­i evakashele KwaMashu izolo ngeSonto. Leli qembu belinomkha­nkaso wokungena umuzi nomuzi njengoba liqala imikhankas­o...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa