Uvulelwe icala lokubhaxa umfundi
Ubehlale ethi uyamhalela
UNGAPHANDLE ngebheyili uthishanhloko waseMthwazi Combined Primary School, eMkhuze, osolwa ngokuvalela ehhovisi lakhe umfundi (19) wakwaGrade 11 wamnenebula ngepayipi, wasala emabhadubhadu ezinqeni.
UMnu BP Xaba, eligcine lingatholakalanga igama lakhe eliphelele, kuthiwa ubizele lo mfundi ehhovisini lakhe efuna ukuthola incazelo ngokuthi kungani engalifakile ihembe lesikole njengoba ebegqoke elomfaniswano omdala, osanda kushintshwa kulo nyaka.
Impendulo yalo mfundi - ocele ukuba angadalulwa kwazise usenovalo lokuthi hleze ehliswe isithunzi ngenxa yokumehlele, kube wukuthi akanalo elomfaniswano omusha kwazise ubengakalinikwa ngomunye wothisha abeli-ode kuyena. Abafundi bakulesi sikole nabazali batshelwe ngoMfumfu (October) nyakenye ukuthi usuyashintshwa umfaniswano wesikole.
Kuthiwa ubiziwe lo thisha okufakwe kuyena i-oda wabuzwa kodwa waphika ukuthi umfundi uyikhokhile imali yehembe ukuze ezomnika. Kwale noma esechaza lo mfundi ukuthi uyikhokhe nini imali, inkinga kwaba wukuthi kawukho usayizi wakhe.
ILANGA linikele khona eMkhuze okuthe lisaxoxa nalo mfundi nomzali wakhe, kwaqhamuka ingxenye yamalungu ebandla lamaNazaretha elidume ngokuthi ngelakwaShembe - okuyibandla lo mfundi akhonza kulona.
Ekhuluma neLANGA, uthi ubevele esola ukuthi angase asithole isibhaxu kuMnu Xaba ngenxa yezinkulumo ahlale ezenza.
Iningi labafundi abangamaNazaretha likhala ngezenzo zikaMnu Xaba zokuhlala ebacwasa phambi kozakwabo ethi bakhonza uNkulunkulu ofayo futhi inkolo yabo ngeyeziqhaza, abantu abangafundile, izinwele zabo zigcwele izintwala, okuyikho okwenza bangaphumeleli ezifundweni.
Lo mfundi uveze ukuthi akasafisi nokubuyela kulesi sikole ngoba unovalo lokuthi uMnu Xaba angase amenzakalise njengoba emvulele icala.
“Ungivalele ehhovisi lakhe maqede wangishaya ngepayipi imivimbo engaphezulu kwengama-20.
"Ubesho nokusho ukuthi kudala engihalela ngaleli payipi futhi ufuna ukungikhipha ingqondo kaShembe.
"Uthe ngikhonza umuntu ofayo njengami, uma ngifuna ukuyeka izinwele kufanele ngilande uNyazilwezulu lungivulele esami isikole ukuze ngizofunda kusona ngibhince ibheshu leli elinukayo.
"Kodadewethu esikhonza nabo, ubatshela ukuthi kufanele babuyele emakhaya bayokwelusa izinkomo ngala mahlathi agcwele izintwala abawathwele emakhanda. Kangikwazi ngisho ukubeka isinqe njengoba engishaye kabuhlungu engabali ngisho nokubala.
"Ngicabanga ukushiya kulesi sikole. Ingxenye yothisha incenge umama ukuba singalivuli icala ngoba uthishanhloko uzophelelwa wumsebenzi,” kusho lo mfundi. Unina walo mfundi - naye esiligodlile igama lakhe ukuze kuvikeleke umntanakhe, uthi uvule icala esiteshini samaphoyisa aseMkhuze ngoba efuna ukuba kungenelele ingalo yomthetho kulolu daba.
Uthi ubhale incwadi enxusa ukuba akhonjwe indlela afike ngayo lo thishanhloko. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe: “Kuyicala futhi kuyichilo ukuthi kusenothisha abasashaya abafundi ekubeni induku seyavalwa ezikoleni.
"Sizomthathela izinyathelo zomthetho lo thishanhloko ngoba ukhombisa ukwephula umthetho olawula ukusebenza kwezikole nomphakathi,” kusho uMnu Mthethwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuvulelwa kukaMnu Xaba icala kanti uvelile eNkantolo yeSifunda yasoBonjeni ngoLwesine olwedlule waphuma ngebheyini.
Izinsolo zokubandlululwa kwabafundi abangamaNazaretha ezikoleni, ikakhulukazi ezisenyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal, sezijwayelekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye ILANGA libike kakhulu ngalezi zigameko kwaze kwangenelela ihhovisi likaNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva ongusihlalo weCommission for the Promotion and Protection of Cultural Religious and Linguistic Communities (CRL).