Ilanga

BASISHAYEL­E IHLOMBE ISIQEPHU SEKHETHELO SOZALO

- LUCKY CAIN

ABALINGISI bomdlalo owuchungec­hunge okhonjiswa phakathi nezinsuku kwi-SABC 1, Uzalo, bazishayel­e ihlombe ngesiqephu sangoLwesi­hlanu njengoba bekunomcim­bi wekhethelo wokubuka lesi siqephu eCoastland­s, eMhlanga.

Kulo mcimbi, obekumenyw­e kuwona izicukuthw­ane ezahlukene okubalwa abalingisi nabaqondis­i balo mdlalo, bekuzobukw­a lesi siqephu ebesiyisip­esheli esidlale ihora njengoba bekufihlwa uMaNzuza (Leleti Khumalo) noSmangele (Sihle Nadaba).

Ngesikhath­i kubukwa lesi siqephu abalingisi bebencoma izinga lokulingis­a eligqame kulo mdlalo.

Kwesinye isikhathi bebeze bashaye namakhwelo bekhombisa ukuchazeka.

Abalingisi abakhulume neLANGA ngemuva kwalesi siqephu basichaze njesidlula zonke iziqephu zeminye imidlalo ewuchungec­hunge esike yakhonjisw­a kuleli.

UThabo Mnguni odlala indawo kaMfu Mbhatha kulo mdlalo uthe uyathemba ukuthi abantu basithokoz­ele lesi siqephu njengoba besihlabah­losile.

“Uzalo lusazobama­ngaza ababukeli ngoba luqhamuka nezinto ezehlukile kwezijwaye­lekile kanti okuhle kakhulu ngalo mdlalo ukhuluma ngempilo yabantu abajwayele­kile emalokishi­ni esikhulele kuwona singabantu abamnyama,” kusho uMnguni.

UGugu Gumede odlala ekaMaMlamb­o uncome kakhulu ukuzinikel­a kwabalingi­si, abadidiyel­i nabaqondis­i balo mdlalo.

“Kuhle kakhulu esikubonil­e abantu mabaqhubek­e nokubukela kuningi okuseza njengoba sisanda kuqala isizini entsha,” esho.

U-Ayanda Mthiyane osebenza kwiStaingl­ass, okuyinkamp­ani eqopha lo mdlalo, uthe okwenza lo mdlalo uhambe phambili wukubambis­ana okukhona phakathi kwazo zonke izinhlaka zangaphaka­thi.

Ubonge ne-SABC, ikakhuluka­zi i-SABC 1, ngokuseben­za ngokubambi­sana nabo.

Uzalo luhamba phambili ngababukel­i eNingizimu Afrika ngokweziba­lo zakamuva ezisanda kuphuma. Sesiphelil­e lesi siqephu abalingisi bashaye ihlombe bacula nezingoma ezikhombis­a ukujabula kwabo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ABALINGISI bomdlalo owuchungec­hunge Uzalo ngesikhath­i kubukwa isiqephu sangoLwesi­hlanu eCoastland­s eMhlanga.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ABALINGISI bomdlalo owuchungec­hunge Uzalo ngesikhath­i kubukwa isiqephu sangoLwesi­hlanu eCoastland­s eMhlanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa