Ilanga

UDINDE ISILILO BENGENA KWEYENDEBE YOMHLABA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHALE mi izinyembez­i umqeqeshi weqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika labesifaza­ne abaneminya­ka engaphansi kweli17 ubudala, iBantwana, ezakhe zingena kweyeNdebe yoMhlaba ezoqala mhla zili-13 kuLwezi (November) isongwe lulunye kuZibandle­la (December) e-Uruguay.

IBantwana ingene kule midlalo ihlula iMorocco ngo-1-0 wegoli likaSibule­le Holweni elingene ngomzuzu wama-68 kulo mdlalo obungoMgqi­belo ekuhambeni. Kube ngu-6-1 uma sekuhlanga­niswe nomphumela womlenze wokuqala.

Emuva kwalo mdlalo, uSimphiwe Dludlu oqeqesha iBantwana ukhihle izinyembez­i. Nokho uthi ufikelwe wumunyu ohambisana nenjabulo. Ubonge uNkulunkul­u nobanjiswa­no nabadlali.

“Bengikhali­swa yinjabulo yokuqonda. Sisuka ebunzimeni nabadlali,” kusho uDludlu.

UNomsa Mahlangu osesigungw­ini seSafa kuzwelonke, utshele ILANGA ukuthi ukudlala kahle kweBantwan­a kumjabulis­a kakhulu njengoba ngonyaka ozayo kuzoqala iFifa Women’s World Football League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa