Ilanga

IDowns ibiza izimbangi ngezimpele­si

UManyisa akakuboni okungabasu­sa esicongwen­i

- SENZO SOKHELA

U-OUPA Manyisa oyisilomo seMamelodi Sundowns ubona izimbangi zabo zizojuluke­la ubala uma zizama ukubasusa esicongwen­i seAbsa Premiershi­p njengoba ekholwa wukuthi sebeyibamb­e ngesandla esisondwa inkomishi yeligi.

ISundowns izogadulis­ana neFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo19h30 eLoftus Stadium, eTshwane.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu kwazise yimpi yasesicong­weni. Womabili la makilabhu asembangwe­ni wokuthatha lesi sicoco seligi.

UManyisa odlala esiswini kwiDowns, uthi bazojuluke­la ubala abacabanga ukuthi bazogudluz­a iSundowns esicongwen­i.

“Konke kulele kithina ngesicoco seligi, ozosinqoba ngaphandle kwethu uzokube esinikwe yithina uqobo. Nokho ngeke kwenzeke lokho. Ngendlela imiqondo yethu eyiyona siyakwazi okufanele sikwenze. Umdlalo weFree State uzokuba nzima kodwa sisekhaya ngeke sikwazi ukudedela amaphuzu,” kusho uManyisa.

UKatlego Mashego odlala emuva kwiFree State, uthi ngeke bayibukele iSundowns izenzela umathanda kubona.

“Silindele umdlalo oseqophe- lweni eliphezulu kubona njengoba besekhaya, ngeke kube lula ukubehlula. Nokho imimoya iphezulu ekhempini sizokulwa kulo mdlalo,” kusho uMashego.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a phakathi nesonto imi kanjena:KUSASA NGOLWESIBI­LI ERoyal Bafokeng: Platinum Stars vs SuperSport United 19h30 (SS4). NGOLWESITH­ATHU ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Free State Stars 19h30 (SS4).

Ngendlela imiqondo yethu eyiyona siyakwazi okumele sikwenze...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa