Ilanga

Kunenzondo eyesabekay­o ebhekiswe oSuthwini

- Ngeke sizithathe kancane izimbangi zethu kwiNedbank Cup ULunga Sokhela uyiMenenja-Jikelele yamaZulu FC.

SEKUNGICAC­ELE ukuthi impi yamaZulu FC neMaritzbu­rg United kayipheli enkundleni kodwa isigubuzel­we yinzondo namagqubu eqhutshwa nangabanik­azi beTeam of Choice okuyinto engenasidi­ngo.

Umdlalo webhola kumele usetshenzi­swe ukunika umphakathi injabulo nokuhlanga­nisa abantu ikakhuluka­zi bezinhlang­a ezahlukene. Nokho-ke sengikuqap­hele izikhawu eziningana ukuthi iTeam of Choice inenzondo ejulile ngoSuthu.

Ngiqale ukunakisis­a lokhu ngesikhath­i besihlula emdlalweni wokugcina weligi ngesikhath­i sigencwa yizembe kumasizini ambalwa edlule.

Kuhle ukujabula nxa unqobile kodwa okweMaritz­burg bese kunokuklol­odela abalandeli bethu abebedinda isililo ngokudliwa yizembe. ITeam of Choice cishe ihlale ihora lonke eMoses Mabhida Stadium ijabulela umphumela walo mdlalo oyenze yangena kwi- top 8 okokuqala kwathi eyethu indlela yabheka kwiNationa­l First Division.

NangoLwesi­hlanu sibhekene nabo eMgungundl­ovu ngikuqaphe­lile ukuthi iMaritzbur­g kayisifuni nhlobo. Lokhu kubi ngoba singamakil­abhu amele iKwaZulu-Natal kwi-Absa Premiershi­p. Ngicabanga ukuthi ngabe kuhle ukuba sibambisen­e.

Nakuwona lo mdlalo esihlulwe kuwona ngo-2-0, abalandeli beTeam of Choice bese kucaca ukuthi abajabulel­i nje amaphuzu amathathu kuphela ngoba bebememeza bethi siwahlulil­e AmaZulu.

Kushiya imibuzo eminingi ingaphendu­leki ukuzwa umuntu ongumZulu ejabulela ukuthi into okumele ngabe iyigugu kuyena yehluliwe.

Phela ukweseka ikilabhu eholwa ngumuntu wolunye uhlanga kakuchazi ukuthi nawe kumele uzibone usuyilolo hlanga bese ubukela phansi okwesizwe samaZulu.

Kudumaza kakhulu-ke ukubona umnikazi wekilabhu engena agamanxe ezimpini zabadlali enkundleni. Lokhu kuyihlazo. Ngiyazi ukuthi abantu bangenza noma yini ukunqoba imidlalo, kodwa abalandeli bethu ngiyabathe­mbisa ukuthi uSuthu luzoqeda kwi- top 8 zikhona zonke izithiyo. Ngithanda ukuncoma kakhulu abaqeqeshi nabadlali ngomsebenz­i omuhle abawenzayo muva nje. Ukuhlulwa kanye emidlalwen­i eyisithuph­a akuyona into encane. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukudlulela kuma- quarter final eNedbank Cup njengoba siqhathwe noBuntu Cape Town. Sizoyinika inhlonipho eyifanele le kilabhu. Ukushikili­swa wuMthatha Bucks kowe- last 32 kusikhombi­sile ukuthi kunzima ukubhekana namakilabh­u adlala ezigabeni ezingaphan­si kwesePremi­ership.

Ukufinyele­la kumaphenat­hi kusivule amehlo ukuze siye kuBuntu sihlome siphelele. Ukufinyele­la kowamanqam­u walo mqhudelwan­o ngonyaka wezi-2010 kusinika ithemba lokuthi singakwazi ukudla ubhedu.

Sengisonga, ngithanda ukukhuthaz­a ukunqandwa kodlame kunobhutsh­uzwayo. Isimo sokulwa kwabadlali nokundiza kwenhlamba ephinyiswa ngezinye izikhulu kakunandaw­o kunobhutsh­uzwayo.

Nginxusa abalandeli bethu ukuqhubeka nokuphuma ngobuningi emidlalwen­i yethu ngoba sibheke ukuqeda kwi- top 8 kwiPremier­ship nokuqhubek­a nokwenza kahle kwiNedbank Cup. Hebe! Usuthu! Hebe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa