"ABABULALI" BABANJWE BEYOGEZA ISINYAMA
BABANJWE bebuya ukuyogeza isinyama enyangeni yaseNanda, abasolwa ngokubulala umnikazi weBed and Breakfast yase-East London, e-Eastern Cape.
Kusolakala ukuthi abasolwa basuke KwaZulu-Natal balibangisa e-Eastern Cape ngenhloso yokuyokweba iToyota Hilux.
Kuthwa bagile lo mkhuba maqede babuyela eNanda lapho bebanjwe khona emuva kokuba beqede ukuyogeza isinyama enyangeni thizeni yakhona kule ndawo.
Kubikwa ukuthi oyedwa wabasolwa uke wasebenza kule B&B, kanti kusolwa ukuthi nguyena obengungqondongqondo ngesikhathi kuhlelwa itulo lokweba le moto. Ngokuthola kwe
lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu kanti imoto kamufi ize yatholakala ngoLwesibili ipakiwe ndawana thize eNanda, kungaziwa ukuthi ngekabani.
Uthi amaphoyisa ayibhekile le moto kodwa kwatholakala ukuthi kayibikiwe njengelahlekile.
“Okufike kwadida wukuthi izinombolo zayo bezikhomba ukuthi ingeyase-Eastern Cape. Kube sekuxhunyanwa namaphoyisa aseEastern Cape ukuze kuzobhekwa ukuthi ngekabani, yilapho kuvele khona igama nekheli lomnikazi wayo.
“Amaphoyisa aseCambrigde abe esenikela khona. Kuthe uma efika azithela phezu kwesidumbu sowesifazane sinamanxeba okugwazwa emzimbeni,” kusho umthombo.
Uthi amaphoyisa aseNanda ancinzwe indlebe ngabathile, besho ukuthi ngobani abebeshayela le moto, okuthe uma kulandelwa umkhondo batholakala bephuma enyangeni okuthiwa ibiyobageza isinyama njengoba bebulale umuntu.
“Kuyasolakala ukuthi emuva kokuba beqede ukwenza lokhu, babuye nayo imoto ngenhloso yokuyoyidayisa,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uCapt Nkosikho Mzuku, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe, amaphoyisa asaphenya.