LUGCINE LUGOBILE KUBAPHATHI E-DUT
LUGOBILE uphondo kubaphathi beDurban University of Technology (DUT) nje-ngoba bevumile ukwenyusa kancane imali ebifunwa yizisebenzi ukuze ziyeke ukuteleka.
Isimo sibuyele kwesejwayelekile kule nyuvesi, sekuyafundwa njengoba kwenziwe nezinhlelo ezintsha zokukhava isikhathi esilahlekile.
Le nyuvesi iyinyuse yafinyelela ku-7% imali emuva kwesikhathi eside ingadluli ku-6.5% ekubeni izisebenzi bezifuna u-7.5%. Kuvunyelwene ngokuthi imihlomulo yezindlu izonyuswa ngo-R200 ngenyanga.
UMnu Phakama Ndunankulu, weNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) KwaZulu-Natal, uthi nakuba bengajabule kakhulu ngephesenti kodwa izinto eziningi okuxoxwe ngazo bazithokozele.
“Kuningi kakhulu esivumelene ngakho njengokuthi kunezinsuku ebesingazisebenzanga ezingeke zingene ngaphansi komthetho othi uma ungasebenzanga ngeke uhole. Kunemali esizoyithola esingakwazi ukuyikhokha ezinyangeni eziyisi-8 kusuka manje ezosiza thina njengoba besingenayo imali ngenxa yesiteleka,” kusho uMnu Ndunankulu.
Le nyuvesi ibibhekene nezinkinga ezinkulu njengoba bese kuphele amasonto angaphezulu kwayisi-8 kungafundwa ngenxa yalesi siteleka. Izisebenzi ziqale zafuna u-10%, zehlela ku-8.5% okugcine ngokuthi zithi azisagudluki ku-7.5%.
Emasontweni edlule kuze kwafika uMnu Buti Manamela, oyisekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme kuzwelonke, ezongenelela, wathi abaphathi ababuyele etafuleni nezisebenzi kwenziwe izingxoxo kodwa isiteleka sime ngesikhathi kusaboniswana ngomhlahlandlela. NabakwaCommission for Concilliation, Mediation and Arbitration (CCMA) bebeyingxenye yalo mhlangano nakuba lwase lubuya kubona udaba lwezisebenzi lwangaxazululeka.
Ngakolunye uhlangothi, nase-University of Zululand, KwaDlangezwa, eMpangeni, isimo silungisekile kuyafundwa ngaphandle kwe-University of South Africa (Unisa) enezinkinga okwamanje njengoba kusatelekiwe.