Isidumbu sesiduve unyaka ngolibofuzo
Sekuthathwe nekhanda liyohlolwa
UYABALISA umndeni osekuyophela unyaka ungakwazi ukungcwaba isidumbu sikagogo wakhona ngoba kulindwe imiphumela yolibofuzo oluqale lwahlonzwa ngezinwele kwanhlanga zimuka nomoya, kwase kuthathwa ikhanda (lesidumbu) ukuba liyohlolwa kodwa lutho ukulunga.
Ukhihla isililo umndeni wakwaMdaki, eMahlathini, eBergville, osekuyophela unyaka isidumbu selungu lawo siduve emakhazeni eMnambithi.
Lo mndeni ukhala ngokuhamba ngolonwabu kwezinto njengoba isidumbu sikaNkk Khathazile Mdaki singangcwatshiwe yize satholakala ngoNtulikazi (June) nyakenye sesonakele.
UNkk Mdaki waduka ngoNhlaba ( May) nyakenye.
Lo mndeni uthe kwathi sewulungiselela ukumfihla, wayalelwa ukuba ulinde ulibofuzo. Ukuhamba kwezinsuku imiphumela ingabuyi kwenze lo mndeni wanquma ukuwacima amakhandlela ngoMandulo ( September).
Lo mndeni ubuye wahlangabezane nenye imbibizane uyohlola isidumbu emakhazeni ngoZibandlela (December) ususifica singasenalo ikhanda. Uthi utshelwe ukuthi lithathiwe ngenhloso yokuba kwenziwe ngalo ulibofuzo ngoba akutholakalanga lutho ezinweleni ebezithathwe phambilini.
UNkz Jabu Mtshali, ogane indodana kamufi, futhi obehlala nomamezala wakhe, uthe: “Ngosuku aduke ngalo ngiqale ukuthuka sekuhwalala engakabuyi kwazise ubengajwayele ukubuya ebusuku. Nganquma ukuya lapho ayethe uvakashela khona, bamulandula, bathi kudala ehambile. Sabe sesimbheka ngilekelelwa ngamanye amalungu omphakathi kodwa sabuya silambatha.
“Ngosuku olulandelayo sishayele amaphoyisa nawo afika kwabhekwa kodwa akaze atholakala. Kuze kwaphela inyanga singamtholi kwathi singazelele kwafika izingane ezizingelayo zasitshela ukuthi zibone isidumbu somuntu ofake izingubo ezifana nezikagogo ehlathini. Sinikele khona ngempela sasifica isidumbu sesonakele, izinyawo zingasekho. Kube sekwenziwa amalungiselelo omngcwabo kodwa satshelwa ukuthi ngeke sikwazi ukumfihla, masilinde ulibo- fuzo,” kusho uNkz Mtshali.
UMnu Francis Mdaki, oyindodana kamufi, uthe emuva kokudlula kwezinyanga kungacaci ngemiphumela yolibofuzo, unikele emakhazeni eyobheka ukuthi sisekhona yini isidumbu ngoba bese benezinsolo zokuthi kasisekho.
Uthi kuphele nasozwaneni esithola singasenalo ikhanda. Uthe amaphoyisa amtshela ukuthi kuyokwenziwa ulibofuzo ngalo.
“Yize lokhu kokuthathwa kwekhanda kungethusile, kodwa ngikwamukele ngoba ngifuna isiphetho, sikwazi ukufihla umama.
“Kuze kube yimanje kusathulekile. Le nto isiphatha kabi kakhulu ngoba sekuyophela unyaka manje singamungcwabile umama. Yize sazi ukuthi kumele sidedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo kodwa sesiside lesi sikhathi silindile. Sakuhlonipha ababekusho ngoba sazi ukuthi kuzothatha isikhashana kodwa manje sekudlulele,” kuzikhalela uMnu Mdaki.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu emuva kokutholakala kwamathambo omuntu wesifazane.
Uthi kwathathwa amathambo ekhanda ngenhloso yokuyohlola amazinyo, okwamanje kusalindwe imiphumela.
Sasifica isidumbu sesonakele, izinyawo zingasekho.