Usobishini uthisha 'obopha' umfundi ngentambo ekilasini
Kuthiwa uthisha umsola ngokuba wuhlupho ekilasini
UBHODLA umlilo owesifazane wakwaW eMlazi, okusabalele i- video yendodana yakhe (6), ezinkundleni zokuxhumana okusolakala ukuthi iboshwe nguthisha wayo ngentambo ezinyaweni ngoba eyisola ngokuba yinkathazo ekilasini esikoleni efunda kusona sabaphila nokukhubazeka.
Lo thisha ofundisa eDurban School for Hearing Impaired, eManzimtoti, usevulelwe icala ngalo mkhuba okuthiwa ubewugila ephindelela kulo mfundi, emsola ngokuba wuhlupho ekilasini. ILANGA likhuluma nomzali walo mfundi (esingeke simdalule) ukuvikela umfundi, uthe uzibonele indodana yakhe iboshwe ngentambo ezinyaweni.
“Indaba ngiqale ngayizwa ixoxwa ngabazali bezingane ezifunda kulesi sikole. Bathe bafike esikoleni beyolanda izingane zabo babona eyami iboshwe ngezintambo ezinyaweni. Bangiyalele ukuba ngiye esikoleni ngiyozibonela.
"Ngosuku olulandelayo ngivukele khona. Ngifike ngashaqeka ngifica indodana yami ihleli ekilasini, uthisha efundisa iboshwe ngentambo ezinyaweni. Ngesikhathi ngifika, akakhombisanga ukwethuka. Kuthe uma ngimbuza ukuthi kungani ebophe indodana yami ngentambo, wangitshela emehlweni ukuthi iyamphazamisa, akakwazi ngisho ukusebenza uma kukhona yona ekilasini,” kusho umzali.
Uqhube wathi uthisha wenza lokhu nje, ubesanda kubatshela ukuthi akanalo uthando lwezingane njengoba engazele. Uthe okumphatha kabi kakhulu wukungaliboni iphutha kukathisha. Kunalokho ubeka icala ingane yakhe ngokuba yisiphazamiso ekilasini uma efundisa ezinye izingane.
Uthe indodana yakhe inenkinga yokungezwa kahle ezindlebeni futhi kayikwazi ukukhuluma.
“Ngiyabona ukuthi ubenza lokhu ngoba azi kahle ukuthi ingane ngeke ikwazi ukungibikela uma isifike ekhaya. Ngifisa umnyango ukuba ulusukumele udaba lwendodana yami.
"Uthisha ofana nalona akakulungele ukufundisa abantwana bethu abakhubazekile,” kusho umzali.
Ukhala ngokuthi lo thisha wavuma ukuqashwa kulesi sikole ekubeni azi kahle ukuthi kufunda izingane ezikhubazekile, manje useyazihlukumeza.
ILANGA liphinde laxoxa nomunye umzali onengane efunda kulesi sikole, oveze ukuthi wumkhuba wakhe lo thisha ukuhlukumeza izingane ezikhubazekile.
Uthe indodana yakhe kayikwazi ukukhuluma, ibinenkinga yokuthi ingakwazi ukucela uma isifuna ukuyozikhulula igcine isizingcolisile ekilasini. Uthe uthole ukuthi ingane yakhe ikhishelwe ngaphandle kwekilasi usuku lonke, ihlale elangeni.
“Lo thisha akakulungele ukufundisa izingane eziphila nokukhubazeka, uyazihlukumeza izingane zethu,” kusho umzali wesibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuhlukumeza. Nokho uthe bekungakaboshwa muntu.
Okhulumela uMnyango weze- Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe nakuba bengakezwa ngalolu daba kodwa bazolulandela.
“Siyakugxeka kakhulu okwenziwa yilo thisha kokuhlukumeza ingane ngalolu hlobo,” kusho uMnu Mahlambi.