UNGQOKLOZE UMPHATHI E-KING SHAKA AIRPORT
ZISATHUKA izanya izisebenzi zaseKing Shaka International Airport emuva kokuba unogada engqokloze ngenhlamvu umphathi wakhe wesifazane ngoba ecasulwa wukuthi umcebile edojile.
Indaba yokudutshulwa kukaNkz Zandile Mkhize (42) ingundabizekwayo kulesi sikhumulo sezindiza.
Abanye bababaza isenzo sikamsolwa okuthiwa ungunogada kwaBosasa Security, okuyinkampani esebenza kulesi sikhumulo. Ngokuthola kwe
indaba isuswe wukubuya kukamsolwa sekudlule isikhathi ekhefini, okuthe nxa umufi ebikela abaphathi, kwamcasula lokho.
Kuthiwa umsolwa kuthiwe makagoduke abuye ngakusasa. Kuthiwa uhambile wabuya wazolalela umufi uyendle.
ILANGA lihambele indawo yesigameko izolo, konke bekuqhubeka njengenjwayelo, kubonakala ukuthi akuphazamisekanga ukusebenza.
UMnu Papa Leshabane, weBosasa Security uthi ngokuthola kwabo, umsolwa ubesemsebenzini wabe eseya ekhefini. Ubuye sekudlule isikhathi.
“Ngokujwayelekile, ikhefu lalapha lithatha imizuzu engama-20 ngoba akumele kuphele isikhathi eside kungekho muntu lapho umuntu esuke esebenzela khona. Kuthe sekusha-ye isikhathi sokuba abuyele esiteshini asebenzela kusona umsolwa wangabuya.
“Umufi njengomphathi wakhe ubikele imenenja. Umsolwa utshelwe ukuba makagoduke abuye ngakusasa ukuze kuzodingidwa udaba lwakhe.
“Umufi uqhubekile nokusebenza okuthe eseqedile, eselinde into yokuhamba, umsolwa wamdubula washonela khona lapho,” kusho uMnu Leshabane.
UMnu Colin Naidoo, okhulumela iKing Shaka International Airport, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kodwa asizange sikuphazamise ukusebenza kwesikhumulo sezindiza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa uvelile enkantolo izolo.
skhom@ilanganews. co.za