BANTULA IMALI YOKUFIHLA UMASKANDI
USOSIZINI lokushoda ngemali yokungcwaba umndeni kamaskandi odutshulwe ngoLwesithathu olwedlule washonela ephehlweni, ethwasiswa.
UKuhlalokuhle “Skokela” Goqo ( osesithombeni) waseMwane, eNkandla, kuthiwa uzothunwa ngeSonto emuva kokuba ebandakanyeke esigamekweni sokuhlaselwa, wadutshulwa nogobela wakhe wakwaVilakazi eNkandla, lapho abethwasela khona.
Lapha kuqothwe amalungu amathathu akwaVilakazi, kwaba nguyena owesine.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, lo mculi ushone sekusele izinyanga ezimbalwa akhishwe ephehlweni.
Oyilungu lomndeni, uMnu Siyabonga Goqo, uthi umfowabo ubehlushwa wukugula nezinto zakhe zingahambi kahle kwezomculo ekubeni abantu bemazi kodwa kungagqameki kahle.
Utshele leli phephandaba ukuthi uSkokela ubezophuma ngoNhlangulana (June) eseqedile ukuthwasa.
“Izinto azihlangene kahle. Sisabheke emehlweni. Sicele uMasipala waseNkandla ukuba usilekelele ngoba isimo kasihambi kahle kwezemali ukuze umfowethu afihleke ngesizotha, okwamanje sisalindile.
“Okusehlele kuyibhadi elimangalisayo ngoba ukuthwasa kukamfowethu bekuqondile kwazise yilona idlozi elamkhipha ekhaya lamusa enyangeni,” kusho uMnu Goqo.
USkokela uhlomule ngendondo yeBest Newcomer kuMantshontsho kaMasikandi Awards nyakenye nakuba bese kuyi-albhamu yakhe yesithathu.
Ubedume ngengoma ethi: “Bavunywe unyaka”.
Ngokwemibiko, kuthiwa lo mndeni wakwaVilakazi uhlaselwe wabulawa ngoba usolwa ngokuthakatha.
mthobisis@ilanganews.co.za