Kabayizwa eyokuxosha imenenja engenaziqu
UMasipala waseMsinga uyincoma ngemibiko engenagcobho
SEWUFANA nezinkabi eziphoselwe uMasipala waseMsinga ngemuva kokukhetha ukuhlala ekhaya kwemenenja ebikhona emuva kokuba inkantolo iyithole ingakufanele ukubamba lesi sikhundla, esithathwa njengenhliziyo kumasipala.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Fanozi Sithole, obalulwa njengabanye bezimenenja zikamasipala ezimnkantshubomvu, uMnu Mbongeleni Ndlovu ongumqondisi kwaCommunity noMnu Senzo Sokhela ongumqondisi kwa-Technical, bamiswe yiNkantolo ePhakeme yaseMgungudlovu ngenxa yokushoda kweziqu zabo ngokwemibandela emisha yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZuluNatal, oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube onguNgqongqoshe.
Kuthiwa ngokwemigomo emisha yalo mnyango, iziqu zabo kazibavumeli ukuqhoqhobala lezi zikhundla.
Ngokuthola kweLANGA, sekuyizinyanga ezimbalwa uMasipala uMsinga nalo mnyango, befakene enkantolo ngoba kuthiwa lo masipala kawufuni ukulandela imithetho nemibandela ebekwe ngowezi-2014 yilo mnyango, ukuba ilandelwe uma kuqashwa.
Lo masipala ufakwe enkantolo ngemuva kokuba ungazilandelanga izincomo ezenziwe yilo mnyango, ukuba bonke abaqhoqhobele izikhundla bengafanele, basuswe kuzona bese kulandelwa imigomo nemigudu eyiyona uma sekuqashwa abazongena ezikhundleni zabo.
IMeya yalo masipala, uNkk Zano Buyiswa Ngcobo, ivumile ukuthi umnyango kaNkk DubeNcube, ubayise enkantolo ngemuva kokuba benqabile ukuchitha izikhulu ezithile obekuthiwa kazifanelwe wukuba sezikhundleni ezikuzona.
“Kubalulekile ukuba siyichaze kahle le nto ukuze icace. UMnu Sithole ungene kulo masipala ngesikhathi kusasungulwa omasipala ngowezi-2001.
"Iziqu abenazo ngaleso sikhathi bezanele ukuba angangena esikhundleni akusona.
"Into esiyibanga nomnyango wukuthi thina sithatha ngokuthi imibandela yezi-2014 ngeke isebenze kithina ngoba lezi zikhulu bezivuselela izinkontileka, bekungekhona ukuthi besiziqasha kabusha,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthe namanje basamile ekutheni kasikho isidingo sokuchithwa kwalezi zikhulu ngoba ngesikhathi ziqashwa bezineziqu ezanele.
“Kasixabani nomnyango kodwa esikushoyo wukuthi kasenzanga iphutha ngoba lezi zikhulu kasiziqashi manje, kepha sisavuselela izinkontileka zazo ezindala,” kusho yena echaza ukuthi ngaphansi kobuholi bukaMnu Sithole, lo masipala usuthole imibiko engenagcobho kwaze kwaba yikathathu.
Uthe olukaMnu Sokhela udaba lwehlukile ngoba yena usenazo iziqu, kodwa banenkinga yokuthi umnyango ezingeni eliphezulu kawufuni ukumhlola kabusha ngoba uthi wona kawuhloli abantu abadala abavuselelwa izinkontileka, kepha uhlola abantu abaqashwa okokuqala. Uphinde waveza ukuthi umnyango ugcine uvumile ukuba aqhubeke esikhundleni sakhe ngoba iziqu ezifanele usenazo.
“Ngenxa yokuthi inkantolo ibamisile, sibe sesicela njengomkhandlu ukuba banikwe isikhathi babambe ngesikhathi kusalungiswa lolu daba.
"Isikhathi obekuvunyelwene ngaso sokubamba ikakhulukazi uMnu Sithole, siphele mhla zili-15 kwephezulu. Nguyena owenze izincomo kimina njengemeya ukuba ayohlala ekhaya kuze kuphele lolu daba enkantolo,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthe bazokuba nomhlangano namhlanje ngoMsombuluko wokubheka umuntu ozokwazi ukubamba ngesikhathi kusalungiswa indaba yalezi ezinye izikhulu.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Msawakhe Mayisela, ukubeke kwacaca ukuthi kakukho okungenziwa ngodaba lukaMnu Sithole njengoba engenazo izicucu ezifanele.
“Inkinga ngaye wukuthi akanayo ngisho iBachelors Degree. Lokhu kusho ukuthi ukuhlala kwakhe esikhundleni esinjengalesi, kakuvumelekile ngokwemibandela ebekwe ngowezi-2014.
"Njengomnyango sibhalele umkhandlu incwadi siwazisa ukuba bazobambisa bani kulesi sikhundla, kube kusakhangiswa ngaso ukuze kuqashwe umuntu ofanele,” kusho uMnu Mayisela. Uthe ngokwemigomo yokuqasha yalo mnyango, sekuphelile phakathi kukaMnu Sithole noMsinga.