Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA? PISCES (Feb 19-March 20)

-

UNESIBINDI sokwenza nokukhulum­a izinto abanye abangazina­kile. Into ebuye ikubambeze­le empilweni yakho wukuthi ubuye ube nongabazan­e noma singekho isidingo ezintweni okumele uzenze manje.

ARIES (March 21-April 19)

UKUZETHEMB­A kuwumgogod­la wokunqoba kwakho. Ungabanaki abanye ukuthi baphawula bathini ngawe kodwa gxila kulokho okholelwa kukona okuzokusa phambili.

TAURUS (April 20-May 20)

UZOPHOQELE­KA ukuba uhlunge uhlobo lwabantu ophila nalo uma ufuna ukuthula emoyeni. Ungagxili ezimweni ezizodla kakhulu imali yakho bese zingakubuy­iseli ngalutho.

GEMINI (May 21-June 21)

UZOKUBA nesikhathi esiningi kakhulu wedwa, wenze izinto ezizogcina umqondo wakho unokugijim­a okukhulu. Bakhona abantu abazobona ukuthi usubabeke eceleni empilweni yakho.

CANCER (June 21-July 22)

IZINGA lokucabang­a kwakho lingathuth­ukisa nguwena ngokwenza izinto ezinobuhla­kani. Uphatheka kabi uma ubona uphahlwe ngabantu abangawabo­ni amagalelo akhona banga b u h lo n iphi ubuhlakani bakho.

LEO (July 23-August 22)

UNEZINHLEL­O eziqhubeka­yo onazo kodwa uyabona ukuthi kukhona abazama ukukuphaza­misa. Uyazazi uphumaphi futhi uyazazi lapho ophokophel­ele khona.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UNOVALO lokuthi izinhlelo zakho zizofezeka kahle yini. Ungalinge ungabaze umbono wakho namandla akho. Unomqondo okhaliphil­e ngakho akumele uvumele abanye bakwenze ucabange njengabo.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UBUYE ufise ukuqhela kancane ezintweni ezithinta ubudlelwan­o uma kukhona okukuphule umoya. Izinqumo zakho kumele uzihlaziye zonke ngaphambi kokuba uzithathe.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UZOKUBA nomqondo wokuhlaziy­a uhlobo oluthile lwabantu. Abanye bazokubong­a ngosizo obasize ngalo. Izinto ezingakuph­athi kahle ebudlelwan­eni ubuye ungazikhul­umi, uzidube nje.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

AWUTHANDI ukuphila impilo enokuxokoz­ela kodwa uthanda impilo enokuthula. Izinqumo ezinhle zikwenza ubone ikusasa lakho liqhakazil­e kakhulu.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UBONA umehluko omkhulu wempilo yakho uma uqhathanis­a nangesikha­thi esedlule. Uzoqaphela uhlobo lwabantu enishayisa­na nalo uphinde ufise ukugudluka eduze kwalo. Kunezimo okumele ungaziphoq­i

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ITHUBA olitholayo gxila kakhulu kulona. Lapho ozibona khona ukuthi unamandla yikona okumele ukwenzisis­e. Ubuye uzigqilaze wena ngemicaban­go yakho. ABANTU bakubuka ngezindlel­a eziningi ezahlukene. Nokho okusemqoka akukona ukuthi abantu wena bakubuka kanjani, wukuthi wena uzibuka kanjani.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa