BASAZODUVA EZITOKISINI "ABABULALI" BASEGLEBE
BAZOQHUBEKA nokugqunywa ezitokisini abasolwa abayisi-7 abasolwa ngohide lwamacala okubalwa kuwona awokuzama ukubulala nawokwakha itulo lokubulala abantu ehostela iGlebelands, eMlazi, njengoba kulindeleke ukuba iNkantolo yeMantshi eThekwini ikhiphe isinqumo mayelana nebheyili yabo mhla zingama-26 kuMbasa (April).
NgoLwesibili kuvele kule nkantolo uKhayelihle Mbuthuma (28), uMnu Wonderboy Hlophe (45), uMnu Bhekukwazi Mdweshu (37), uMnu Ncomekile Ntshangase (34), uMnu Mondli Mthethwa (35), uMnu Mbuyiselwa Mkhize (30) noMnu Vukani Mcobothi (30).
U-Adv Howse utshele iMantshi, uMnu Siphiwe Hlophe ukuthi uMnu Hlophe, uMnu Mdweshu, uMnu Ncomekile noMnu Ntshangase kumele badedelwe ngebheyili ngoba umphenyi wecala, uLt Col Bhekumuzi Sikhakhane, akanabo ubufakazi obuqandula ikhanda.
“Amakilayenti ami akukho akwaziyo mayelana namacala athweswe wona. Uma ephuma ngebheyili ngeke ayiphule imibandela ezobe ibekwe yinkantolo futhi ngeke enze into ephambene nomthetho.
“Engibamele baboshwe ngoZibandela (December) nyakenye, kodwa kuze kube yimanje kayikho incazelo yokuthi kungani uphenyo lungaphothulwa. Njengoba begqunywe ngaphakathi, balahlekelwa yimali kanti bonke bayasebenza,” kusho u-Adv Howse.
Umshushisi, u-Adv Dorian Paver, utshele inkantolo ukuthi leli cala kakumele lithathwe kalula ngoba libucayi.
“Inkantolo kumele ibheke ukuthi ofakazi ngeke babe sengcupheni yokusocongwa yini nokuthi ngabe abamangalelwa bazobuya yini enkantolo uma bededelwa ngebheyili.
“Inkantolo kumele iqonde ukuthi leli cala kalilula kanti lidinga uphenyo olunzulu. Uma bededelwa ngebheyili bazophazamisa uphenyo futhi ofakazi bazobulawa,” kusho u-Adv Paver.
Utshele imantshi ukuthi useqashe onogada abazomqapha mihla namalanga ngenxa yobucayi becala. Uthe uqale ukugadwa kusukela ngoMgqibelo.