Usizi lodwa ezinganeni ezingenabazali
Sezesaba ngisho ukuya esikoleni ngoba ziyahlekwa
ABUYE esabe ngisho ukuya esikoleni amantombazanyana amathathu aseMboza, KwaMhlabuyalingana, KwaZulu-Natal - esingeke siwadalule ukuwavikela - ngoba ecasulwa wukuhlekwa ngozakwabo ngenxa yokuthi asuke engagqokile umfaniswano ophelele kwazise isimo kasisihle kubo njengoba nendlu ahlala kuyona ingawa noma yinini.
Lezi zingane eziphakathi kweminyaka eyisi-6-9 ubudala, zishonelwe ngunina ngowezi-2015. ILANGA lithole lolu daba ngoMnu Johnson Gwala oyikhansela lakwawadi 13 KwaMhlabuyalingana, ecela ukuba lisize liwuhlabe liwulawule ukuze kusizakale lezi zingane.
ILANGA livakashele lezi zingane ngeledlule lafika zihlaliswe nguNkz Zethu Gumede ongunina omncane. Uthe uhleli nje nazo kodwa naye ubhekene nolwakhe utalatiya lwezingane ezine okufanele abhekane nezidingo zazo.
Uveze ukuthi izingane zikadadewabo zizalwa ngoyise abehlukene abangaziwa nokuthi bakuziphi izinkalo njengoba unina wazo edlule emhlabeni engafuni ukucacisa ngabo.
Leli phephandaba lithole ukuthi lezi zintandane zike zisinde komakhelwane ngokuya ngasethunjini kodwa abakuphelezela ngama- ganyana angemahle kwesinye isikhathi.
Lithole nokuthi ziyayithola imali yesibonelelo sikahulumeni kodwa kaziyazi ukuthi iphelelaphi njengoba ziholelwa ngothile wakoninalume.
“Inzima kakhulu impilo yalapha ekhaya, silala singadlile. Izingane kazinawo umfaniswano wesikole ophelele, indlu yokulala kayikho, sicela noma ngubani ukuba angenelele kule nkinga ukuze kusizakale lezi zingane.
“Singathokoza kakhulu uma kungaba noxhaso lwendawo yokuhlala futhi ephephile,” kusho uNkz Gumede. UMnu Gwala unxuse umphakathi ukuba ufundise izingane zawo emakhaya ukuba zi- ngazihleki eziswele ngoba imizi kayifani.
“Lubi kakhulu usizi olubhekene nalezi zingane. Okungizwisa ubuhlungu kakhulu wukuthi zinoyise kodwa unina wayengafuni ukuchaza ngemvelaphi yazo. Siyacela kunoma ngubani ukuba elule isandla - aphonse esivivaneni - ukuze kusizakale le miphefumulo engenacala.
“Ngiyacela nakubazali emakhaya ukuba bayale izingane zabo zihlukane nokuhleka eziphuma emindenini engamile kahle,” kusho uMnu Gwala othi eMboza kunabantu abaningi abangenabo omazisi, yizitifiketi zokuzalwa nokunye okuningi okubalulekile.