ITHI IZOQEDA NGENKOHLAKALO INYUNYANA YOTHISHA ENTSHA
IFUNA ukuqeda isidleke senkohlakalo nokunyathelwa kwamalungelo othisha inyunyana yothisha entsha, i-Educators Union of South Africa (Eusa), efunge yagomela izolo ngoLwesithathu esigcawini sabezindaba eDurban University of Technology (DUT), eThekwini yathi izoqeda nya ngeGovernment Employees Medical Aid Scheme (GEMS).
Isola lesi sikhwama ngokunyathela amalungelo othisha. UMengameli we-Eusa, uMnu Scelo Bhengu, uthi lona wunyaka woshintsho kothisha nokubuyiswa kwesithunzi sabo emphakathini.
Uveze ukuthi othisha bayaphoqwa ukusebenzisa le medical Aid (GEMS) kodwa ngezindlela ezicashile. Uthi kuyenzeka kwesinye isikhathi uma beya ezikhungweni zezempilo batshelwe ukuthi kayisekho imali kodwa kungacaci ukuthi yenzeni.
“Uhulumeni ufike uthi nayi i-medical aid (GEMS) ehambisana nale mihlomulo yethu kodwa ungazisebenzisela eyakho eseceleni kodwa okumele ukwazi wukuthi kunemihlomulo ongeke uyithole uma usebenzisa eyakho. Lokhu sikubona njengokunyathelwa kwelungelo lomuntu waseNingizimu Afrika lokuzikhethela into ayithandayo.
“Thina-ke siyinyunyana yokuqa- la ethi kazikho izingxoxo esizifunayo nale medical Aid zokuthi mayizame ukulungisa ukwenza kwayo, sithi mayiphele nya ngoba ngale kwalokho sizoyivala ngenkantolo. Mhla zizine kuNhlaba (May), siyobatshela emakheleni (abakwaGEMS) ukuthi sekuphelile ngale medical aid sekwanele.
“Kwesinye isikhathi kuvele kufike incwadi ekhombisa ukuthi uthisha ukhokhele odokotela aba- thathu ekubeni kade ehambe koyedwa. Sesikhathele wukuxhashazwa kothisha, yingakho sifuna ushintsho,” kusho uMnu Bhengu.
Uthi enye indlela yokubuyisa isithunzi sikathisha wukuba uthisha ophuma enyuvesi eyoqala ukufundisa, kumele ahole imali engango-R25 000 bese kuthi onesipiliyoni seminyaka eli-10 kuya kweli19 eyibambile ebuthisheleni, ahole imali engango-R35 000 kuya ku-R40 000.
Uveze ukuthi sebekhathele wukuhlekwa ngenxa yokuhola kancane kothisha bedlulwa ngisho yizisebenzi zakwamasipala ezingenawo nomatikuletsheni. Uthi nodaba lokuxhashazwa kothisha bakwaGrade-R KwaZulu-Natal lusezithebeni.
Uveze ukuthi okuwumehluko nge-Eusa wukuthi ngeke ithathe imali yamalungu ayo isetshenziselwe ukukhankasela noma ngabe yiliphi iqembu lezepolitiki.
Uthi okwamanje sebethole amalungu ayizi-11 400 kuzwelonke kanti basemkhankasweni wokuhambela zonke izifundazwe bazitshele ngoshintsho abeza nalo, oluzolekelela othisha.