"Kuxoshwa" aboNyazi eBuhleni
Abahlulwe yicala bathi akudikizi nqulu ngesinqumo senkantolo
BAFUNA amalungu ohlangothi lwamaNazaretha aseBuhleni aphume aphele emzini waseBuhleni, eMatabetulu, eNdwedwe, eThekwini abohlangothi lwaseThembezinhle emuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ibavunile ecaleni lombango wobuholi.
NgoLwesihlanu amajaji amabili kwamathathu, ahambisane nesinqumo esikhishwe yiJaji, u-Adv Achmat Jappie eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngonyaka owedlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesine ILANGA libike ukuthi abaseBuhleni - abaholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu" Shembe - bajabule ngesikhathi iJaji Isaac Madondo likhombisa ukuhambisana nabo, lihlaba isinqumo seJaji Jappie ebesikhomba umholi waseThembezinhle, iNkosi Vela "Misebeyelanga" Shembe njengofanele ukuhlala kwesokuhola uHlangothi lwaseBuhleni.
Uqokwe yiNkosi ekhothame ngowezi-2011, uVimbeni “Thingolwenkosazana" Shembe. Kuse ngokunye ngoLwesihlanu ngesikhathi amaJaji amabili, u-Adv Portia Poyo-Dlwathi no-Adv Jerome Mnguni behambisana nesinqumo sika-Adv Jappie.
Okhumela uhlangothi lwaseThembezinhle, uMnu Chancey Sibisi, uthe bakulindele ukuthi kungenzeka abaseBuhleni balidlulise icala.
“Esizozama ukukwenza thina, wukucela ijaji lingenelele noma ngabe icala liyadluliswa, kodwa isinqumo salo sihlonishwe baphume emzini waseBuhleni njengoba kufanelekile.
“Ngokwethu ukuqonda, isiboshwa noma ngabe siyalidlulisa icala kodwa siyaqhubeka sihlale ngaphakathi ejele kuze kuphume isinqumo sokudluliswa kwecala.
“Nabo abaseBuhleni kakufanele baqhubeke baphile impilo yabo ngendlela ejwayelekile, kube sengathi kakwenzekanga lutho kodwa isinqumo sesikhishiwe,” kusho uMnu Sibisi.
Uthi selokhu liqalile leli cala sebechithe imali engaphezulu kuka-R600 000 kubameli.
Ngaphandle komuzi waseBuhleni, okuzofanele amalungu akhona aphume kuwona, kubalwa neminye imizi, amapulazi, yizimo- to ngisho nenkence esemabhange engaphansi lwaleli bandla okuzomele bahlukane nayo - uma kuya ngokwezifiso zikaMnu Sibisi.
Ngakolunye uhlangothi, amalungu aseBuhleni kawasishayi mkhuba isinqumo senkantolo, athi intombi iqoma lapho ithanda khona.
Abashumayeli balolu hlangothi abakhulume neLANGA - kodwa amagama abo esiwagodlile njengoba bethi kabavumelekile ukukhuluma nabezindaba - bathi isinqumo senkantolo kabanandaba naso, bazoqhubeka nokuholwa wuNyazilwezulu.
“Akekho noyedwa ongasitshela ukuthi masihlukane noNyazi sikhonze yena. Siphila eNingizimu Afrika lapho umuntu enelungelo lokukhetha inkolo ayithandayo.
“Intombi iqoma lapho ithanda khona, kalikho ijaji noma ngabe lifunde kangakanani elingakhethela intombi ukuthi mayiqome bani," kusho omunye walaba bashumayeli.
Ekhasini le-Facebook eliqanjwe ngokuthi Unyazi lukaNkunkulu, amaNazaretha nakhona abethi kawayazi enye iNkosi ngaphandle koNyazi. Phakathi kweminye imibono kukhona othi: “UNyazilwezulu lwehla ezulwini lwaba yinkosi ebantwini,"kusho uLindelwa Shezi.
UNtokozo "Thory" Sphelele, uthe: "Bangambeka noma yiliphi icala kodwa siyohlala kuThixo wethu 100%."
UNomcebo Cebelihle Kubheka, uthe:‚ "Olwethu uNyazilwezulu. Umuntu makaphathe iThembezinhle yakhe ahlukane neBuhleni yethu. Siyaqhubeka nenkosi yethu."
Ummeli wohlangothi lwaseBuhleni, u-Adv Rajesh Choundree, uthi okwamanje kasikho isinqumo esesiphumile sokuthi bazoledlulisa yini icala.
“Okwamanje sisacwaninga isinqumo sejaji. Kuzothi ekupheleni kwesonto bese ibandla likhipha isitatimende sokuthi icala liyaledlulisa noma cha,” kusho u-Adv Choundree. Isazi sezomthetho esithintwe yi
LANGA ngalolu daba, u-Adv Sifiso Sithole, sithi abaseBuhleni basengakwazi ukudlulisa icala liye eNkantolo eNkulu yokwedluliswa kwamaCala eBloemfontein.
“Udaba lwabo luzobe lungasala-
lelwa yijaji elilodwa kodwa luzobe lulalelwa ngamajaji ayisihlanu. Wonke la majaji ayokhipha isinqumo ngobufakazi obuphambi kwawo," kusho u-Adv Sithole.