Ziyafungelana izinkunzi zikamaskandi
Bonke bawufuna la umklomelo wokuqala
ZIFUNGA ziyagomela izinkunzi zikamaskandi, ezishaywe zaba mayoywana ngumculi obengadumile, uBahubhe, emncintiswaneni wo- maskandi wakwaMTN nyakenye njengoba ebaguqise wakhala wemuka neToyota Fortuner entsha ceke, ukuthi nonyaka ngeke alibone elidlalayo.
Usha phansi umkhankaso wokudla isicoco salo nyaka emcimbini ozobe umhla zingama-28 kuMbasa ( April) eCurries Fountain, eThekwini, okubekwe kusona u-R50 000 nezinkomo eziyisihlanu - okuwumklomelo ozogoduka nomculi ozofika nabalandeli bakhe abaningi futhi benze ama- download amaningi ezingoma zakhe.
UKhangelani “DsD” Mhlongo woSaziwayo uthi kulo nyaka abanye abaculi bazobabona kahle abalandeli beqembu lakhe benza ezibukwayo.
“Ngonyaka ophelile ngehluliwe kodwa lokho kakungiqedanga amandla. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuba lezi zinkomo nemali kuyodliwa KwaBuyephethe (okuyigama labalandeli bakhe).
Njengoba ngizobe ngikhipha ne-albhamu yami entsha ngalo lolu suku, kuzobe kuyithuba elihle kakhulu kubalandeli bami,” kusho uKhangelani.
UKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uthi ukwehlulwa kwakhe kumvule amehlo nyakenye.
Utshele ILANGA ukuthi akekho umculi ozokuma endleleni yakhe.
“Isizwe saKwaGuqa, iBlue Nation, akekho umculi ongamelana naso. Ngithi kulo mcimbi kuyobe ku- blue inkundla yonke. Ngimema abalandeli bami ukuba bezokwenza abadume ngazo, bazovikela iqhawe labo ngoba ukwehlulwa kwethu nyakenye kakubanga kuhle,” kusho uKhuzani.
UBahubhe uthi akesabi lutho ngoba nangonyaka ophelile ubashaye bembukela phansi abanye abaculi. Uveze ukuthi sekuyiso isikhathi sokuba akuphinde lokho.
Umhleli womcimbi, uMnu Geh Ngcobo, uthi lo mcimbi kakusiwona owabaculi abadumile kuphela kodwa uvuleleke kubona bonke abaculi abafisa ukuba umculo wabo bawudayiselwe wuMTN.
Utshele ILANGA ukuthi inhloso yomcimbi wukuba ikhono labaculi livele futhi balingane.
“Kulo mcimbi umlandeli uzothenga i- data ka-R30 esangweni bese evota ngayo okusho ukuthi kungenwa mahhala. Akukho okutheni okuzobe kwenziwa kodwa kuzobe kuchazelwa nabalandeli ukuthi kuvotwa kanjani,” kusho uMnu Ngcobo.
Uthi abaculi abangakabi yingxenye yakwaMTN, kumele bathole amavoti ayizi-2 000 ngokwenziwa kwama- download ezingoma zabo ukuze bakulungele ukuba yingxenye yomcimbi.
Abaculi abazobe bencintisana kulo mcimbi nguMjikijelwa Ngubane, Khuzani, Mthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, uSgwebosentambo, uMdumazi, uQhosha, uCevuzile, uNgiga, uMajotha Zungu, Amageza Amahle, uJaivazimnike, oSaziwayo, iMfezemnyama, uMnikezwa, AmaSAP, Amagcokama, uMalahle noBuselaphi.
Uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe ngabasakazi boKhozi FM, uKhathide “Tshathugodo” Ngobe, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, uNgizwe noBheka “Beekay” bakwaMchunu.
ILANGA liyingxenye yabaxhasi balo mcimbi.