APHIWE ISIPHO SEBHAYIBHELI AMAMBAZO AMNYAMA
LIPHIWE isipho seBhayibheli iqembu lodumo, iLadysmith Black Mambazo, ngesikhathi lihambele ibandla iCovenant Fellowship Church International e-Olive Convention Centre, eNorth Beach, izolo ngeSonto.
Leli qembu, elizichaze njengamalungu aleli bandla, lithole lesi sipho kuMphostoli Mandlenkosi Collins Dhlomo nowakwakhe uNomusa Dhlomo.
UMphostoli Dhlomo uthe inhloso yokupha leli qembu lesi sipho wukuba likwazi ukuthi liqhubeke nokusondelana noMdali futhi likwazi ukuhlephula izwi ngasosonke isikhathi.
IMambazo itheleke eNingizimu Afrika ngeledlule ngemuva kokuchitha izinyanga ezintathu e-United States of America.
Ngesikhathi bese-USA baphinde bahlabana ngendondo yeGrammy yesihlanu kanti ebandleni iCFCI izolo bebeziphethe zonhlanu izindondo zalo leli qembu. Amalungu ebandla aphinde aba nenhlanhla yokuzwa imicu yaleli qembu. Kuchwaze ibandla ngesikhathi leli qembu selicula enye yezingoma noNkk Dhlomo. Ngemuva kokuhambela inkonzo iMambazo yenze umzungezo ophelele endaweni yobumnandi Eyadini lapho idle khona isidlo sasemini yaphinde yathola nethuba lokukhombisa abalandeli bayo izindondo zayo.
Kulindeleke ukuba kusasa ngoLwesibili ihambele eNgilandi lapho izoba yingxenye yomgubho wosuku lokuzalwa lweNdlovukazi u-Queen Elizabeth II ozoba se-London ngoMgqibelo.