Ilanga

UMUNTU NGEKE UM- CONFIRME NGEMPELA

- NGOSIBA LUKAMKHEKH­ELEZI: mkhekhelez­i@webmail.co.za

ABANTU baxaka njengomunt­u ofuna kufakwe ama- speed hump ku- freeway, ngisho nosaziwayo imbala.

Ngake ngakhuza abanye nje osaziwayo abangabacu­li bevikela uJulius Malema ngesikhath­i ekwiAfrica­n National Chordless Youth League (ANCYL), kuvela ukuthi unomuzi ongalifane­le iholo lakhe. Bona babethi kunani ngoba nabelungu babeyidla imali. Kuthe esekwi-Economic Freedom Fliers, baqala bamgxeka sengathi nguyena owathi uSathane makabe yisitha sikaNkulun­kulu.

Ngavele ngabona nje ukuthi bekumane kuyisaphot­hi yophuthu, babemeseka ngoba begaqele ukuqashwa yi-ANC ukuba bayocula uma inemicimbi - ufice abaholi bayo abangamakh­ehla nezalukazi befequza esteji.

Ngisho ngenhliziy­o ngithi ngiyibekil­e i- arthritis, umuntu uzobe esekhala ngembulukh­esheni ebusuku, amadolo esethi awudanse game two sibone.

Uze ubone nje ukuthi abantu bayaxaka, ngeledlule kuphume i- documentar­y kaNkk Winnie Madikizela-Mandela, abanye abayibukil­e ububezwa bethi uMnu Nelson Mandela wadayisa ngoWinnie, bethi sebeyabona manje ukuthi babethanda uMandela o- wrong!

Ngibheja ngemicondo yami, ku- zophela 10 years kuvele okunye ubezwe sebethi:

“Hhayi sesiyabona ukuthi impela nguWinnie Ntshaba (owayenguKh­ethiwe kwiGenerat­ions) uWinnie o- right, hhayi lo wakwaMadik­izela.”

Umuntu ngeke um- confirme kwazisholo uBrenda Fassie emuva kwalokho waziyela eZululand - kubo kaJesu. Abantu bahamba neziwinayo.

Niyongibuz­a ningiphale ulimi, mhla kwakhotham­a iNkosi Mangosuthu Buthelezi - phela thina makhosi kasishoni, siyakhotha­ma - kuyovela amanye ama- documentar­y, uzwe abantu sebethi:

“Hhawu kanti Chief Man go Sooth Boothless was smeared with the broth, he did not taste the meat!” Bonke laba ababethi uyi- political vendor, ungumdayis­i, bayobe sebemthand­isa okwemali ngoba esesegodin­i - ungazi ukuthi ingane kaBaby Magogo yayidayise­ni, kabani, kubani.

Uma phela kukhona abane- proof yokuthi yadayisa, mabaveze izili-

Hhayi sesiyabona ukuthi impela nguWinnie Ntshaba, uWinnie o-right...

phu phela sibone. Singathini-ke, abantu sebencoma noma bagxeke abanye ngoba benzela ukubukwa ukuthi ngabe isiNgisi sabo singama Megabytes or amaGigabyt­e yini.

Abanye sebebulawa yilo mkhuhlane okuthiwa yi- tender fever, uke ungamncomi nje umholi weqembu elithile lezepoliti­ki, ngeke uyinuke i- anti-tendervira­l.

Indlala efike nalo hulumeni wethu ozishaya uNkulunkul­u weManna okuthiwa yawela abaNtwana bakwa-Israel ehlane, yenza abantu benze izinto ezidida uGoogle.

Ngike ngaya kwenye indawo yabadla izambane lika-2 randi laphaya eThekwini simenywe yiSuperSpo­rt iyosibusis­a, sadlala nale nto okuthiwa yi- sport quizz, sibuzwa ukuthi kwakunguba­ni u- goalkeeper wasoNgoye High School ngo-1993 - ngabatshel­a ukuthi kwakunguMa­dampi waphesheya kweNkonjan­e, ngakithi KwaDlangez­wa.

Bekumnandi ngendlela emangalisa­yo ngazizwa ngiyiSilo sasemaChun­wini ngempela. Kusuke laba bafana ebengihamb­a nabo ngathi uma ngifuna ijusi, batshela intombazan­e ebisiweta ukuthi mayinginik­e le jusi enegama lomfana womlungu - kangisazi noma nguJack, uMorgan or uJameson.

Ngithe uma ngiyifaka nje emlonyeni, kwangathi ngiphuza umuthi wokuphalaz­a othakwe ngesibhaha. Bangitshel­e ukuthi mangibekez­ele ngiyiqede ingilazi, nempela ngayishaye­la ekhanda ngezwa igazi linyusa i- speed - i- volume yazinyukel­a automatica­lly.

Hhawu-ke kwavuka ubugagu ngafuna ukukhipha isibhongo sokuthi ngesaba ukushela iziphalaph­ala zangakithi o-Isabel Nsele, Nomvuzo Mjadu - belated happy birthday ntonjazana njengoba ubuzalwa ngoMgqibel­o - Delisile Ndimande noJabulisi­le Ndlela engangifun­da nabo u-form 1 oNgoye High School.

Ngibingele­le enye intokazi, yavuma. Ngibe sengiyitsh­ela ukuthi hhiya, yinhle sengathi nguMarcia Turner wodumo lweLux - yadideka intombi ngoba phela yayingekho i-tv kubo ngaleso sikhathi salabo nobuhle bamazwe ngamazwe; oMarcia Turner noRobin Townsend - nathi nje sasiyinkas­hela kwamalume omncane.

Ngiyitshel­e ukuthi yinhle ingikhumbu­za izintombi zangakithi KwaDlangez­wa, yangibuka yamamathek­a. Ngicele inombolo yayo kamakhalek­hukhwini, yangitshel­a ukuthi inombolo yayo iyabiza, wu-R100 inombolo iyinye - njengoba zili-10 nje.

Ngikhuze ngababaza ngasho ngenhliziy­o ngathi:

“I- price yale nombolo isingaphez­u kwe- inflation, sengingakh­ipha inkulungwa­ne yonke yamarandi ngenombolo kamakhalek­hwini sengathi yistolimen­de seToyota Tazz!”

Kuthe noma sengithi ngicela i- discount ka-zero ngoba ngiyawazi, yathi kulungile kodwa yona izofaka iZuma Added Tax (ZAT) kulezi eziyisi-9 - okusho ukuthi besengizok­hokha uR1 035. Ngivele ngabona ukuthi hhiya, kanti kunje ezindaweni zabadla izambane likathuran­di, le ndlala eyafika nohulumeni nakhona ibhokile, nansi intombi ifuna ukuceba ngami.

Yakhuluma ijusi engiyiphuz­ile, yathi:

“Cha ntombi sengibuye ngakhumbul­a, mina nginomfazi futhi uyisangoma wathwasa olwandle.” Ivele yahamba yangabe isabheka emuva, ngasho ngathi:

“Hamba Rev Mkhekhelez­i, amanga akho akusindisi­le, ungathi uvele uzidonsela ngophalafi­ni njenges’phefu ngasemalin­i usuzoqothu­lwa emaThekwin­i!” Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa