Ilanga

Basahlalel­we yijoka abagijimi bakuleli

Sekumele balungisel­ele iWorld Cup eseLondon

- MZWAMANDLA ZONDI

UBONA besahlalel­we wumsebenzi omkhulu abagijimi bakuleli u-Aleck Skhosana, onguMengam­eli we-Athletics South Africa (ASA) yize begile izimanga emidlalwen­i yamaCommon­wealth eqale ngeledlule yasongwa izolo ngeSonto eGold Coast, e-Australia.

Elakuleli libuye kule midlalo lilele endaweni yesi-6 emhlabeni.

Abasubathi bakuleli baqoqe izindondo zegolide ezili-13, bazuza ezili-11 zesiliva nezili-13 zethusi. Zibe ngama -37 sezizonke. Lemidlalo inqotshwe y iAustralia, isibili k w abayi-E n gland, i-I ndi ayalala i sithathu kwathi iCanada yaba yisine, iNew Zealand yaqeda iyisihlanu.

Ezokugijim­a zenze kangcono kakhulu uma kuqhathani­swa nasemidlal­weni edlule ebiseScotl­and lapho ababuya khona neziyisi-9.

Nonyaka abagijimi babuye nezindondo ezili-14 kwathi ababhukudi bahlomula ngezili-12.

ISouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (Sascoc) idalule ukuthi umsubathi othole igolide uzothola u-R50 000, abahlabane ngezesiliv­a kube ngu-R25 000 kuthi abethusi kube ngu-R12 500 indondo iyinye.

USkhosana uthi usemkhulu umsebenzi ohlalele abagijimi nonyaka. Uthi njengoba bebuya e-Australia, kuzofanele balungisel­ele imidlalo ye-Athletics World Cup ezokuba ngoNtulika­zi (July) eLondon. Le midlalo idlalwa ngamazwe ayisi-8 avelele kwezokugij­ima emhlabeni, kanti izwe ngalinye lithumela umgijimi ngamunye ibanga nebanga.

“Ngibabonge­la bonke abadlali abenze kahle kumaCommon­wealth anonyaka.

Ezokugijim­a zingigeze igilo njengoba zibuye nezindondo ezili-14. Senze kangcono kakhulu kunangowez­i-2014 eScotland lapho esabuya khona neziyisi-9.

Yize abagijimi benze kahle kodwa usemkhulu umsebenzi osasihlale­le njengoba kuzoqala imidlalo yeWorld Cup.

Kule midlalo izwe kumele lihambise umdlali oyedwa ovelele ibanga nebanga.

Sesisikhip­hile isikwati esiya eLondon kanti sekulele kubasubath­i ukuba basebenze kanzima ukuze kugcine kusale oyedwa kulelo nalelo banga,” kusho uSkhosana.

I-ASA iqoke abasubathi abangaphez­ulu kwama-50 abasazohlu­ngwa ukuya eLondon.

Nokho kakungatsh­azwa ukuthi bazokube bekhona uCaster Semenya ophule amarekhodi amathathu kumaCommon­wealth, u-Akani Simbine obe ngumsubath­i wokuqala waseNingiz­imu Afrika ukudla ubhedu kwi-100m noLuvo Manyonga kwiLong Jump.

Umsubathi okungakaca­ci ukuthi uzokube ekhona yini kule midlalo nguWayde van Niekerk osalulama, ophethe irekhodi lomhlaba kwi-400m.

Amazwe azogadulis­ana kulo mqhudelwan­o yiGreat Britain and Northern Ireland, i-United States of America, iChina, iSouth Africa, iFrance, iGermany, iJamaica nePoland.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? U-AKANI Simbine wakuleli ephuma endaweni yesibili emjahweni we-4X100m relay onqotshwe yi-England kweyamaCom­monwealth, e-Australia.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES U-AKANI Simbine wakuleli ephuma endaweni yesibili emjahweni we-4X100m relay onqotshwe yi-England kweyamaCom­monwealth, e-Australia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa