Ilanga

IBucs kayiyiqwas­hisi iSundowns ngeseligi

UMosimane unenjongo ngeChampio­ns League

- SENZO SOKHELA

UPITSO “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns uzwakalise ukuthi kayimqwash­isi ngisho elele i-Orlando Pirates eseyisele nezakhe embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p.

IDowns iguqise iBidvest Wits ngo-2-0 koweligi ngoMgqibel­o kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli.

Amagoli eDowns abekwe enethini nguThemba “Mshishi” Zwane noSibusiso “Villa” Vilakazi.

Lo mphumela wenze iDowns yahambela phezulu njengoba ikholwa wukuthi izosibuyis­a isicoco sayo seligi esihlwithw­e yiWits ngesizini edlule.

UMosimane uthi iBucs kayimuqwas­hisi ngisho elele.

“Sinezinhlo­so ngale ligi. Sifuna ukudlala kwiCaf Champions League iminyaka emine ilandelana.

"Lo mphumela ubumqoka ngendlela eyisimanga ukuze sizibone ukuthi sibheke kuphi. Kanginanda­ba nePirates ukuthi yenzani, mina ngibheke okwami. Kunezinto engiziboni­le kulo mdlalo ezingangic­hazanga.

“Ngesinye isikhathi sifuna ukuthi size siyongena nebhola enethini nalapho okufanele ngabe sikhahlele­la khona ipali. Kodwake ngijabule ngomphumel­a,” kusho uMosimane.

ISundowns kuzokuthi kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 ibhekane neLamontvi­lle Golden Arrows kowe-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium.

UMosimane ephawula ngalo mdlalo uthe: “Akukho ukujikela emuva, kufanele siwunqobe lo mdlalo.

"Awusekho umdlalo olula manje abantu balwela impilo yabo. Kuzofanele sisebenze kulo mdlalo, yingakho ngisheshe ngabakhiph­a abadlali abanjengoV­ilakazi ngoba angifuni basindelwe ngamamase- la.

"Angiyena umuntu okhonze ukushintsh­ashintsha isikimu yingakho kufanele ngibavikel­e abadlali bami.”

UGavin Hunt ocija iWits, uyivume njengendod­a induku.

“ISundowns ibingcono ngayo yonke into kunathi akukho engikhala ngakho sihlulwe kufanele,” kusho uHunt.

Awusekho umdlalo olula manje, abantu balwela impilo yabo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHI akanalo noluncane uvalo ngeligi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane njengoba oPercy Tau (okwesobunx­ele) noThemba Zwane beqhulula amagoli ubuthaphut­haphu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHI akanalo noluncane uvalo ngeligi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane njengoba oPercy Tau (okwesobunx­ele) noThemba Zwane beqhulula amagoli ubuthaphut­haphu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa