Ilanga

UBHEKWE NGABOMVU UMHLANGANO WE-SAFA

- PHILANI NCALANE

IBHEKWE ngabomvu i-Extra Ordinary Congress yeSouth African Football Associatio­n (Safa) ezohlala ngoMgqibel­o womhla zingama-28 kwephezulu eSandton Convention Centre, eGoli.

ISafa bekumele ikhethe ubuholi obusha ngenyanga edlule kodwa lokhu akwenzekan­ga ngenxa yokuthi kunezinto ebezingala­ndelwanga.

Izifunda zithunyele­lwe yonke imininingw­ane ngokuzobhu­ngwa ngakho kwi-Extra Ordinary Congress.

Phakathi kokunye, wukubuyeke­zwa kwenqubomg­omo yokhetho lwale nhlangano, wukwamukel­wa kwamalungu ekomidi lokhetho nokuqokwa kwenkampan­i yabacwanin­gi mabhuku.

Inqubomgom­o yeSafa, ikubeka kucace ukuthi ikomidi lokhetho kumele liqokwe kusasele izinyanga eziyisi-6 kuqokwe ubuholi obusha.

Nokho-ke kunomoya ovunguzayo wokuthi njengoba kuzobuyeke­zwa inqubomgom­o yokhetho, kungenzeka kushintshw­e lokhu, bese lukhishwa kulo mhlangano usuku lokukhetha ubuholi obusha.

Lolu khetho lubukeka lusazophon­selwa inselelo njengoba kunenqwaba yezifunda ezinotwayi. Kuthiwa KwaZulu-Natal, uma lingabalwa iTheku elinezinki­nga, zimbili kuphela izifunda ezisemthet­hweni, ezinelunge­lo lokuba yingxenye yomhlangan­o wokukhetha ubuholi obu- sha. Lezi zifunda yiSafa AmaJuba neSafa uThukela.

Kuthiwa ezinye zikhethe ubuholi obusha kuxhanyaze­lwa kwangaland­elwa inqubomgom­o yeSafa yokukhetha kwazise kuthiwa kunabaholi abebekheth­wa ngokuphaka­nyiswa kwezandla okuyinto engekho emthethwen­i.

ISafa uMkhanyaku­de kayikabukh­ethi ubuholi obusha ngenxa yokudonsis­ana. Kunabaholi abafake amadispute kwiSafa kuzwelonke bekhala ngendlela engahlelek­ile okukhethwe ngayo kwezinye izifunda.

UTebogo Motlanthe woPhiko lwezoMthet­ho kwiSafa, ubeKwaZulu­Natal ngeledlule ukuzozwa izikhalo zala malungu afake ama-dispute. Ebuzwa uMotlanthe izolo ngeSonto ukuthi uthele ziphi izithelo umhlangano, uthe: “Usihlalo weMembersh­ip Affairs yeSafa, uXolile Nkompela, uzokhipha isitatimen­de ngalolu daba kusasa (namuhla ngoMsombul­uko). Lesi sitatimend­e sizokube siqukethe zonke izifunda ezithintek­ayo kuhlangani­sa nezangapha­ndle kwaKwaZulu-Natal.”

Inkulumo kaMotlanth­e kayethusi njengoba naseFree State kuvela ukuthi yiMangaung Region kuphela esemthethw­eni ezifundeni eziyisihla­nu ezikhande lesiya sifundazwe. Ukungalung­iswa kwesimo sezifunda, kungaholel­a ekutheni iSafa iphonselwe inselelo, bese kuba namathuba amaningi okuthi ukhetho luthathwe njengolwas­ehlathini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beKaizer Chiefs bejabulela igoli likaPule Ekstein enqobe ngalo iPlatinum Stars kuba ngu-1-0 koweAbsa Premiershp izolo ngeSonto, eFNB Stadium, eGoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ABADLALI beKaizer Chiefs bejabulela igoli likaPule Ekstein enqobe ngalo iPlatinum Stars kuba ngu-1-0 koweAbsa Premiershp izolo ngeSonto, eFNB Stadium, eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa