Ilanga

UKomphela usikaza ukuyoseben­za eBenin

Ushela umqeqeshi we-Arrows ukumjoyina

- SENZO SOKHELA

USTEVE “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs weshela umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows ukuba baphinde basebenze naye njengoba kuvela ukuthi angase ajoyine iqembu lesizwe laseBenin. IChiefs iguqise iPlatinum Stars ngo-1-0 wegoli likaPule Ekstein alishaye ngomzuzu wama-49 kowe-Absa Premiershi­p izolo ngeSonto eFNB Stadium, eGoli.

UKomphela usenuka iqaqa kubalandel­i beChiefs njengoba bengasamuf­uni nalapho enyathele khona.

Isizathu salokho wukuthi iChiefs kayikhiqiz­i imiphumela egculisayo njengoba sekuphele amasizini amabili nesigamu ingakaze inqobe nkomishi ngaphansi kwakhe. Iyaphela inkontilek­a yakhe ngokusongw­a kwesizini.

Kukhona abalandeli abalibe- ka ngesihloko elokuthi basahoxile ukulandela iChiefs kuze kube uyahamba uKomphela. Kuvela ukuthi useyinikiw­e incwadi emkhululay­o, usebenza useyazi ukuthi ngeke ayinikwe inkontilek­a entsha.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo oncikene noKomphela ukuthi ushela uMandla “Mhloli” Ncikazi ongumsizi kaClinton Larsen ocija i-Arrows. Ufuna ukuba ahambe naye ukuyoseben­za eBenin.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uKomphela ubemfuna uNcikazi ukuba bazosebenz­a naye kwiChiefs kodwa akwangalun­ga. Ubechazwa yindlela abasebenze kahle ngayo ndawonye kwiMaritzb­urg United.

“UKomphela namanje uyakhala ngokuthi ukuba wamthola uNcikazi ukuzoseben­za naye kwiChiefs ngabe izinto zihambe kahle.

"Manje akafuni ukulenza iphutha, ufuna ukuhamba naye uma kuwukuthi uyawuthath­a umsebenzi waseBenin. NeSuperSpo­rt United kuthiwa iyamfuna uKomphela futhi nakuyona kungenzeka ahambe noNcikazi ngoba akasazimis­ele ngokuseben­za ngaphandle kwakhe,” kusho lo mthombo.

UNcikazi ebuzwa ngalolu daba, uthe: “Ngike ngambuza uKomphela ngendaba yaseBenin wakubeka kwacaca ukuthi ingamampun­ge.

"Ngiyazi ukuthi angakujabu­lela ukusebenza nami kodwa lapha engikhona ngijabule, ungiphethe kahle usihlalo wekilabhu uMato Madlala.

“Okwamanje ngisaseben­za kwi-Arrows, okunye okushiwo ngami ngikuthath­a njengamamp­unge, angikaze ngithintwe muntu ngendaba yaseBenin yize ngazi ukuthi uKomphela usazimisel­e ngokuphind­e asebenze nami.”

Imizamo yokuthola uKomphela ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa